Ezemidlalo Ibhola

UMaponyane ukhuza eyokuchizelwa kwabeSundowns

Mthokozisi Mncuseni|Published

OMUNYE wabadlali beMamelodi Sundowns abamqoka kwiBafana Bafana, uThemba Zwane, olibamba kuchwaze iNingizimu Afrika yonke uma edlubhe umfaniswano weqembu lesizwe

Image: BACKPAGEPIX

OMUNYE wabadlali abazakhela igama ebholeni laseNingizimu Afrika eminyakeni edlule, uMarks “Go Man Go” Maponyane, uxwayise ngobungozi bokulaxaza abadlali beMamelodi Sundowns kwiBafana Bafana ngenxa yeminyaka yabo.

Kusukela umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, athatha lo msebenzi leli qembu lesizwe likhombisa ukudlondlobala ebholeni lase-Afrika.

Okunzima ukukuziba ngalokhu ukuthi ukukhula kweBafana kuncike kakhulu kubadlali beSundowns esingabala kubona uRonwen Williams ongukaputeni, Themba Zwane, Khuliso Mudau, Aubrey Modiba, Teboho Mokoena, Grant Kekana noMothobi Mvala ukubala abambalwa.

Muva nje, uBroos usanda kuveza ukuthi mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi abheke engxenye ngoba yize ethembele kwabeSundowns nesipiliyoni abamnika sona abasithola kwiCaf Champions League kodwa sebehanjelwe yiminyaka kwazise iningi labo selina-30 noma ngaphezulu.

Isikwati sakamuva seBafana besigqishe ngenqwaba yabadlali bePirates osekwenze abaningi babona sekuyisikhathi sokushenxa ekuthembeleni kwiSundowns kuwelelwe kwiPirates.

UMaponyane obekhuluma eseThekwini ngeledlule, uxwayise ngobungozi bokulaxaza abadlali beSundowns ngoba indlela yalaba bePirates asebetuswa kakhulu isaqala.

“Kuhle ukuthi amaqembu aqinisa iBafana abe maningi kodwa lokhu akusho ukuthi sekufanele sikhohlwe abeSundowns ngoba basithwale kunzima,” kusho uMaponyane.

“Iningi labadlali bePirates elilandwa nguBroos kwiBafana, yima lingena emiqhudelwaneni yamazwe. Kuhle ukungena kwabo kodwa akusho ukuthi sekufanele sikhohlwe ngesikwenzelwe yiSundowns eminyakeni edlule.

“IBafana iya emidlalweni emqoka yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo ezinyangeni ezimbalwa, ngakho-ke ngeke sithembele kubadlali okusafanele bajwayele imidlalo yamazwe.

“Ngeke badlale kuze kube phakade abeSundowns kodwa lokhu akusho ukuthi sekufanele balaxazwe. Imidlalo yeBafana elandelayo imqoka kabi ukuthi singahlola kuyona abadlali."

Ekhempini kaBroos yakamuva ebihlelelwe imidlalo yobungani neTanzania neMozambique ngokwahlukana, iPirates ibinenqwaba yabadlali.

Kulaba badlali singabala uMbekezeli Mbokazi, Deano Van Rooyen, Simphiwe Selepe, Mohau Nkota, Yonela Mbuthuma, Tsepang Moremi, Sinoxolo Kwayiba no-Oswin Apollis.

Bonke laba bebengeza kuSipho Chaine, Nkosinathi Sibisi, Patrick Maswanganyi, Thalente Mbatha noRelebohile Mofokeng abavele bayingxenye yeqembu likaBroos.

IBafana izobuyela enkundleni ngoSepthemba, lapho isizobhekana neLesotho neNigeria ngokwahlukana kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo, e-United States of America (USA), Mexico naseCanada.