AKAZISOLI nakancane u-Oupa "Ace" Manyisa ngokushiya i-Orlando Pirates ajoyine iMamelodi Sundowns izinto ezingamhambelanga kahle kuyo.
Ngo-Agasti ngo-2017 kwathuka abaningi kuvela ukuthi uManyisa uyazishiya eZimnyama, uwelela ngaphesheya eChloorkop.
IPirates yayisifana nekhaya lakhe lesibili njengoba wayefike kuyo ngo-2008. Wayishiya eseyidlalele imidlalo ewu-225, washaya namagoli awu-24. Waphinde wanqoba nayo nezindondo eziyisikhombisa.
Wayeyingxenye yeqembu elathatha izicoco ezintathu kwisizini ka-2010/2011 nakweka-2011/12.
Kunesikhathi lapho beno-Andile Jali besadlala kwiPirates babenza into yamehlo esiswini.
UJali esebuya kwi-K. V Oostende yaseBelguim, ejoyina iSundowns ngo-2018 kwakwethenjwa ukuthi bazoqhubeka lapho babegcine khona benoManyisa kwiPirates. Nokho izinto azimhambelanga kahle uManyisa.
Wahlushwa ukulimala. Wadlala kumaBrazilians imidlalo awu-47 kuphela, washaya igoli elilodwa.
Ngo-2020 anquma ukumkhomba indlela.
KwiSundows uManyisa wanqoba izicoco ezintathu.
Ebuzwa ukuthi akaboni yini ukuthi akubanga umqondo ophusile ukushiya iPirates, uManyisa (33), uthe: "Angizisoli nakancane ngokusuka kwiPirates ngiye kwiSundowns. Ngase ngidinga ushintsho. KwiPirates ngase nginethezeke kakhulu. Ngaya kwiSundowns ngoba ngifuna ukukhula. Ngangifuna ukubona ukuthi uma ngishiya lokhu kunethezeka kuzokwenzekani. Ibhola linjalo, isinqumo osithathayo kumele usimele. Nakuba ngingabanga nesikhathi eside kwiSundowns kodwa yonke into yahamba kahle. Ngisho nasohlangothini lwemali izinto zahamba kahle kakhulu sengiseChloorkop."
Kwisizini esanda kusongwa lo mdlali ubeyibamba kwiPlatinum City Rovers KwiGladAfrica Championship.
Lesi sikhwishikhwishi siveze nokuthi asikacabangi nakancane ukugaxa amakhokho emgibeni.
Kuke kwavela imibiko ethi abanikazi beRovers bafuna ukusiyekisa ukudlala, basinike isikhundla ngaphakathi eqenjini.
"Ngibatshelile abaphathi beRovers ukuthi mina ngisafuna ukudlala. Angikakucabangi nakancane ukuyeka ibhola,“ usho kanje.
Ebuzwa ukuthi akanalo yini uvalo ngokushiywa iminyaka, uthe: "Noma iminyaka ingahamba kodwa ibhola lisekhona ezinyaweni. Mina ngisengadlala ngisho nakwiPremiership. Ngisengathwesa abadlali abaningi ubunzima obuyisimanga.“