SITHEMBISO MKHIZE
UZWAKALA ebika izaba umqeqeshi weChappa United, uDan "Dance" Malesela ngaphambi kokubhekana ne-Orlando Pirates enethuba lokusondela kwiMamelodi Sundowns esicongweni seDStv Premiership.
AmaChilli Boys osekuphele imidlalo emine agcina ukuqoqa amaphuzu aphelele, azokwamukela eZimyama kusasa, eNelson Mandela Bay Statium emdlalweni ongo-5 ntambama.
Leli qembu likaSiviwe " Chippa" Mpengesi kalikasindi emlonyeni wezembe.
Lisendaweni ka-12 kwi-log ngamaphuzu awu-16.
Livule igebe lamaphuzu amane kuphela kwiBlack Leopards nakwiMaritzburg United ababambene ngawu-12 emsileni.
Ngengoba sekuqale umzuliswano wesibili weDStv Premiership kuyaliphoqa ukuthi lithole amaphuzu ngokushesha.
Kubuzwa uMalesela ngamalungiselelo omdlalo wabo nePirates, uphefumelele phezulu wakhala ngokubhinjelwa izinto ngaphambi kwalo mdlalo.
"Kuzoba nzima ukudlala nePirates, inesikwati esiningi ngendlela exakile, ishintsha noma yinini. Esikudingayo ukuthi sibe nalo mfutho ebesinawo ngesikhathi siya emdlalweni weCape Town City. Kuyasiphoqa ukuthi sakhele kuwo. Angicabangi nokuthi sizowujimela lo mdlalo, sisisebenzise sonke isikwati sethu. Kumele sivele siziyele emakhaya, siphumule. Kusasa (ngoLwesihlanu) sizoya ehhotela sibone ukuthi siyihlanganisela maphi amaqhinga iPirates. Angingabazi, sizowuhlelela kahle lo mdlalo," kusho uMalesela.
NgoLwesithathu iChippa ibambane ngo 0-0 neCape Town City koweligi obuseSisa Dukashe Stadium. Bekuwumdlalo wesithathu kulandelana idlala ngokulingana. Yagcina ukuthola amaphuzu amathathu ihlula iBlack Leopards ngo 3-0 ngoJanuwari.
UMalesela uncome ezakhe ngokudlala kahle koweCity.
"Ngijabule ngendlela abafana bami abadlale ngayo. Babambe iCity eshaya amagoli mihla namalanga. Esiwombeni sokuqala ibingalishaya noma inini igoli kwasho ukuthi inhlanhla ibingakuthina. Ngilijabulele iphuzu esilitholile, kalisilimazi kangako.
"Okubi nje okwenzekile kulo mdlalo ukulimala kukaMbenyane (Andile). Lokhu kuzosilimaza kakhulu emidlalweni elandelayo.”
IPirates elele isithathu, ngamaphuzu awu-32, iya kulo mdlalo ihambela phezulu kulandela ukushaya iBloemfontein Celtic ngo 1-0 maphakathi nesonto. Ukunqoba kwayo kwiChippa kungayenza isale ngephuzu kwiSundowns eqhwakele ngamaphuzu awu-36.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Namuhla - Ngo-5pm: SuperSport United v TS Galaxy (Lucas Moripe Stadium).
Kusasa - Ngo-3pm: Cape Town City v Stellenbosch (Cape Town Stadium).
Ngo-5pm: Bloemfontein Celtic v Maritzburg United (Dr Petrus Molemela Stadium); Chippa United v Orlando Pirates (Nelson Mandela Bay Stadium).
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Black Leopards v Lamontville Golden Arrows (Thohoyandou Stadium); Swallows v Tshakhuma (Dobsonville Stadium).