UMDLALI osemnkantshubomvu kwiCapeTown City, uMpho Makola, uzohola ehlezi ekhaya izinyanga ezimbili emuva kokumiswa yiPSL, izinyanga eziyisithupha kepha zalengiswa ezine Isithombe: BACKPAGEPIX o
MTHOKOZISI MNCUSENI
UMDLALI weCape Town City, uMpho Makola, uzowuqhumuza ehlezi ekhaya umholo wezinyanga ezimbili, ngemva kokumiswa yiPremier Soccer League (PSL). Lokhu kungemuva kokuba elahlwe yicala lokugxaza umsizi kanondweba ngo-Okthoba, eThekwini.
Lezi zindaba zidalulwe ngusihlalo wamaCitizens, uJohn Comitis, ngesikhathi eqinisekisa ukuthi uMakola uzokweqiwa yimidlalo eyisithupha yeligi.
“Akukho okuzoshintsha ngaphandle kokuthi ngeke sibe naye emidlalweni yeligi eyisithupha uMakola, kulandela ukugwetshwa kwakhe yiligi,” kusho uComitis.
Iphela ngoJuni inkontileka kaMakola neCity, kanti uzoba neminyaka ewu-36 ngoMeyi. Lokhu kuzitolika ngokuthi zine kuphela izinyanga ezimsalele kwinkontileka, ekubeni neminyaka iya ngokuhamba.
“Ngenhlanhla siyiqembu elingabalahli abadlali balo noma kwenzenjani, ngakho-ke uMakola uzoziholela izinyanga azozihlala engadlali. Mayelana nenkontileka yakhe, sivumelene ngokuthi okuningi sizokuxoxa kahle uma sekuphele isigwebo sakhe,” kuqhuba yena.
Lo mdlali owaduma kwi-Orlando Pirates, ugwetshwe yiPSL ukuthi ahlale angalithinti ibhola izinyanga eziyisithupha kodwa zalengiswa ezine ngombandela wokuthi ngeke, atholakale esephutheni elifanayo.
Icala lakhe lisuselwa esigamekweni sango-Okthoba nyakenye, lapho axhavuna ngamawashingi umsizi kanondweba uCladwin Baloyi, kowamanqamu weMTN 8, owawuseThekwini.
Akaqali uMakola ukulwa nondweba ngoba nango-2019 uhlawuliswe yiPSL ukuthi angadlali izinyanga eziyisithupha. Sekungumlando nokho ukuthi uMakola uludlulisele phambili udaba, isinqumo saguqulwa kwaba imidlalo emine.
Kwezokudlulisela phambili amacala, umshushisi wePSL, uZola Majavu (okunguyena ohlakaze uMakola), uqinisekisile ukuthi lusezandleni zikamahluleli weSouth African Football Association (Safa), icala lokuchithwa kwesicelo seChiefs sokuba kuhlehliswe imidlalo yayo ngoDisemba, ngenxa yeCovid-19.
“IChiefs icele isigungu esiqondisa izigwegwe sePSL ukuba sime kancane ngaleli cala, kuze kube umahluleli weSafa uyanquma ngesikhalo sabo abasifake kuyena (kulandela ukuchithwa kwabo yiPSL).
“Luzophinde lube sezithebeni ngoFebhuwari 25 lolu daba kodwa siyaqonda ukuthi isinqumo sikamahluleli weSafa yisona esizoba umhlahlandlela,” kusho uMajavu.
Lo mshushisi ovuthayo kulezi zinsuku uphinde waqinisekisa nokuthi i-Orlando Pirates, isibekwe icala ngesigameko esenzeka e-Orlando Stadium, lapho kugxazwe khona usihlalo weTS Galaxy, uTim Sukazi.