Ezemidlalo Ibhola

UMakola uphika eyokuhlasela umsizi kanompempe koweMTN8

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMPHO Makola, umdlali weCape Town City uziphendulele ngokuthi wayezivikela kuze kwenzeke icala abekwe lona lokusunduza umsizi kanompempe Isithombe: BACKPAGEPIX

UMDLALI weCape Town City, uMpho Makola, osolwa yikomiti lePremier Soccer League (PSL) eliqondisa ubugwegwe, ngokududula umsizi kanondweba, uzivikele ngokuthi okuvele kwithelevishini yilapho yena ebesephendula ngemuva kokuchukuluzwa.

UMakola wabonakala kwithelevishini ephusha kabi umsizi kanondweba ngemuva komdlalo wamanqamu weMTN8 lapho iCity yakhala ngaphansi kwiMamelodi Sundowns, sekukhahlelwa amaphenathi, eMoses Mabhida Stadium emasontweni adlule.

Lo mdlali owazakhela igama kwi-Orlando Pirates, ubekwe icala yiPSL ngenxa yesenzo sakhe. Obekwenza leli cala ligqame kwabalandela unobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika, wukuthi uMakola ubengaqali ukwenza lokhu kwazise useke wabhekana naleli komiti phambilini emva kokuba egxaze unondweba.

Leli cala bekumele lingene ngoLwesithathu kodwa lahlehla, lagcina lingene ngoLwesine olwedlule ebusuku.

Umthombo weSolezwe ohlala ekomitini elilalela amacala ePSL uhlebele leli phephandaba ukuthi uMakola uzivikela ngokuthi wayechukuluziwe yingakho aphendula ngendlela enza ngayo.

“Libucayi icala likaMakola ngoba akuphelile isikhathi esingakanani kade evele ekomitini ngecala elifanayo.

“Lingenile icala, wavika ngokuthi wabona kunesidingo sokuthi azivikele. Okuningi akukakhulunywa kodwa kungigqamelile ukuthi uvika ngokuthi wayezivikela,” kusho umthombo, ulandelisa ngohleko.

Kuthintwa uNande Becker ongumshushisi wePSL uqinisekise izolo ekuseni ukuthi lingenile icala.

“Lingenile ngoLwesine ebusuku kodwa asizange siqede, ngakho-ke sizobuyela ukuyoqhubeka ngoNovemba 23,” kusho uBecker.

Uma elahlwa yileli cala uMakola angase abhekane nesigwebo sezinyanga eziyisithupha engazihlanganisi nonobhutshuzwayo.

Kwenzeka lokhu nje uMakola esikhathini esingengakanani uzobe esalelwe yizinyanga eziyisithupha enkontilekeni yakhe neqembu laseKapa.