Ezemidlalo Ibhola

UMaema ezintangeni ngekusasa lakhe kwiSundowns

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMDLALI wasesiwini weMamelodi Sundowns, uNeo Maema, ongafuni ukuphumela obala ngekusasa lakhe kuleli qembu elizomela uMzansi kwiFifa Club World Cup e-USA

Image: BACKPAGEPIX

UKUBA yingxenye yesikwati esiya kwiFifa Club World Cup ese-United States of America (USA), kukaNeo Maema, kwanele ukumqinisa idolo ngokuthi ikusasa lakhe alintengi kwiMamelodi Sundowns.

Lokhu kuphume emlonyeni wakhe lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala ngaphambi kokungena endizeni neSundowns ezoqala lo mqhudelwano ne-Ulsan HD yaseSouth Korea ngoJune 18 phakathi kwamabili, e-Inter & Co Stadium, e-Orlando, Florida.

Ukubonakala enkundleni kukaMaema emidlalweni engu-17 (eqale emihlanu) kwengaphezulu kuka-50 edlalwe yileli qembu ngokwahlukana ngesizini edlule, kwenze kwabukeka sengathi usendleleni ephumayo eChloorkop nakuba enenkontileka ezophela ngoJuni.

Lokhu kuphinde kwaqiniswa nawukudedelwa kwakhe ukuthi ajoyine ikhempu yeBafana Bafana ebihlungela i-African Nations Championship (Chan) ngesikhathi iSundowns ibadinga khona bonke abadlali bayo.

Kungenzeka ukuthi indlela uMaema abelihlikihla ngayo kwiChan kaMolefi Ntseki, imchazile uMiguel Cardoso njengoba esehamba naye kulo mqhudelwano ababoshelwe kuwona ku-Group F okukhona kuwona iBorussia Dortmund yaseGermany neFluminense yaseBrazil.

Ubesemdlandleni ngesikhathi abezindaba bembuza ngekusasa lakhe kwiSundowns lo mdlali wasesiwini owaqala ukugqama esagijima kwiBloemfontein Celtic engasekho ebholeni elikhokhelayo laseNingizimu Afrika.

“Angisiboni isidingo sokuphendula lo mbuzo ngoba ukuba kwami yingxenye yesikwati esiya e-USA kukodwa kukhomba ukuthi ngisekhona ezinhlelweni zomqeqeshi weSundowns,” kusho uMaema.

“Okwamanje ngisetshisa ithuba engilinikiwe lokuyoziveza emqhudelwaneni ozobe ugqishe ngalo lonke uhlobo lomdlali womhlaba ongalucabanga.

“Angikusho lokhu ngoba ngizithwele kodwa kimina akukaze kungifikele ukuthi ngeke ngibe yingxenye yeSundowns eya kwiClub World Cup.

“ISundowns izifake kulo mqhudelwano ngenxa yemiphumela yayo kumasizini adlule, lapho ngibe nesandla khona ngakho-ke bukhona ubulungiswa ekutheni ngihambe nayo (iSundowns).

“Yebo kumnandi futhi kuyenelisa kodwa akugcwele enhliziyweni ngoba kukhona ozakwethu engibathatha njengabafowethu abasele futhi engaziyo ukuthi kubuhlungu kubona.

“Kwakhona lokho kwenza thina esithole ithuba ukuthi sizimisele ngokungaphezulu ngokwazi ukuthi nabo siyabadlalela. Kusiphazamisile ukushaywa kowamnqamu weCaf Champions League kodwa lokhu akusehlisi isithunzi sethu njengoba siya kulo mqhufdelwano."

IFifa Club World Cup izoqala ngeSonto, lapho kuzoqhuthana khona i-AL Ahly yase-Egypt ne-Inter Miami yase-USA edlalelwa yisihlabani somhlaba, uLionel Messi.