ABANYE babadlali abasha be-Orlando Pirates ngesikhathi befundiswa ngomlando nosiko lwaleli qembu.
Image: ORLANDO PIRATES
WELULEKE abadlali abasha ukuthi bangazitheli ngabandayo njengoba sebesayiniswe yi-Orlando Pirates, owayengukaputeni waleli qembu, u-Innocent Maela.
Lo mdlali uhole Ezimnyama kusukela ekuqaleni kwesizini ka-2022/23, kwaze kwaba uyayeka ukudlala ekupheleni kwesizini edlule.
Wakubeka wacaca ukuthi usazoqhubeka nokuba yingxenye yeqembu noma engasadlali kanti ubengomunye wezingwazi zePirates ezamukele abadlali abasha kuleli sonto, zabacobelela ngolwazi mayelana naleli qembu.
Ezinye izingwazi zamaBhakabhaka nabadlali bakudala abebekhona ngoTebogo Moloi, Edward Motale, Lucky Lekgwathi, Happy Jele noBrighton Mhlongo.
Abadlali abayisishiyagalombili bokuqala abasha abamenyezelwe yiPirates kuleli windi lokuhwebelana ngabadlali, oSipho Mbule, Yanela Mbuthuma, Masindi Nemtajela, Tshepang Moremi, Nkosikhona Ndaba, Sinoxolo Kwayiba, Tshepo Mashiloane noSihle Nduli, bonke bebekhona.
"Ngiyabahalalisela abadlali abasha ngoba impilo isishintshe unomphela. Leli yiqembu elikhulu futhi manje sebemele inqwaba yabantu. Silapha ukuzokwenza isiqiniseko sokuthi bamukelwa kahle," kusho uMaela ekhuluma kwi-video efakwe emakhasini eqembu ezinkundleni zokuxhumana.
"Siyaziqhenya ngalaba badlali. Sebehambe baze bafika lapha kodwa kuseyisiqalo. Badinga ukusebenza kanzima. Iqembu elifana nelethu linazo zonke izinsiza nakho konke abazokudinga ukuze baphumelele."
UMbule, othathwe yiPirates ngemva kokudedelwa yiMamelodi Sundowns, ukholwa wukuthi lezi zeluleko abazitholile zizobasiza ukuthi baqale uhambo lwabo nezikaMagebhula ngegiya eliphezulu.
"Izifundo esizitholile zizosisiza kakhulu. Zizosenzela izinto zibe lula njengoba sesinolwazi olufanele ngendlela izinto ezenziwa ngayo kuleli qembu. Sesibonile ukuthi iqembu liziqeqeshela kuphi futhi nemiqondo yethu isikulungele ukubhekana nezinselelo ezizayo," kusho uMbule.
IPirates izoqala isizini ngaphansi komqeqeshi omusha, u-Abdeslam Ouaddou, ovale isikhala sikaJose Riveiro, obesehlale amasizini amathathu kuleli qembu.
AmaBhakabhaka azolubangisa eSpain maduze lapho ezoqinisa khona amalungiselelo esizini ezayo.
Kulolu hambo azodlala imidlalo yobungani namaqembu ahlukene okubalwa kuwona elase-England, iBolton Wanderers ngoJulayi 11, iPafos FC yaseCyprus ngoJulayi 13, kanye nawaseSpain, iLas Palmas neGranada, ngoJulayi 17 no-19.
Related Topics: