UMGADLI we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa, ufuna ukufaka isandla ekubuyiseni izinsuku zenjabulo kweZimnyama.
UMabasa ushaye igoli lesibili ngesikhathi iPirates ixebula ngo 3-0 i-AL Ahly Benghazi yaseLibya emdlalweni wamaqoqo weCAF Confederation Cup ngeSonto ebusuku. Lo mphumela ubeke iPirates esicongweni se-log kaGroup A. Leli qoqo belikade liholwa yi-Enyimba yaseNigeria egcine ihlulekile ukubuyela endaweni yayo kulandela ukuxetshulwa yi-ES Setif yase-Algeria ngo 3-0 ngalo iSonto ebusuku.
IPirates isidinga amaphuzu amathathu emidlalweni emibili ukuze izibekisele indawo kuma-quarterfinal eConfederation Cup. Yagcina ukuhamba ibanga elide kulo mqhudelwano ngo-2015 lapho yafinyelela khona kowamanqamu isaqeqeshwa ngu-Eric Tinkler.
"Kimina ukudlalela i-Orlando Pirates kukodwa kuyinto engizizwa ngihloniphekile ngayo. Ukuyishayela igoli sekukukhulu kakhulu. Njalo uma nginikwa ithuba ngifuna ukusebenza kanzima, ngidlalele ibheji, ngisize iqembu libuyele esicongweni futhi," kusho uMabasa.
Mayelana nomdlalo neBenghazi, uMabasa, uthe: "Besazi ukuthi kuzoba nzima ukudlala nabo. Ukudlala e-Afrika akulula. Sibonile ukuthi ngesikhathi siyodlala nabo eLibya ngesonto eledlule, sidlala ngokulingana, bekufanele sibuye nawo womathathu amaphuzu. Kodwa ngiyajabula ukuthi siphumelele sakulungisa lokho, sathola amaphuzu amathathu, sashaya amagoli amathathu, sangangenelwa yigoli."
IPirates idinga amaphuzu amane ukuze iqinisekise ukuthi iqeda ihlezi esicongweni kuGroup A. Lokhu kuzoyisiza ekugwemeni ukuqhathwa nezinkunzi ebholeni lase-Afrika esezivele ziphezulu emaqoqweni azo okuyiCS Sfaxien yaseTunisia ezihola phambili kuGroup C neRaja Casablanca yaseMorocco ekhonyayo kuGroup D.
Amaqembu amane azoqeda ehlezi phezulu eqoqweni ngalinye azoqhathwa nazoqeda endaweni yesibili. Nokho awaqhathwa aphuma eqoqweni elilodwa.
Umqeqeshi wePirates, uJosef Zinnbauer, uthe: "Sifuna ukugxila emdlalweni olandelayo. Uma sifuna ukuzibeka ethubeni lokudlulela kuma-quarterfinal, kufanele sikwenze lokho. Usemkhulu umsebenzi osihlalele. Asihlali sidlala kahle kodwa ebholeni kuhlala kuwumphumela obalulekile. Kwesinye isikhathi udlala kahle kodwa wehlulwe. Sinalo ithuba (lokudlulela kuma-quarterfinal) futhi lokhu sikufunela iNingizimu Afrika, iqembu nabalandeli. Sinethuba lokuthatha elinye igxathu, abalandeli bajabule kakhulu."
NgoLwesine iPirates inethuba lokuqhubeka nokujabulisa abalandeli bayo uma isidlala neMamelodi Sundowns kowama-quaterfinal eNedbank Cup eLoftus Versfeld ngo-6 ntambama. EZimnyama sezike zabajabulisa abalandeli bazo ngokuphakamisa indebe yeMTN 8 kule sizini.