INTATHELI YESOLEZWE
KULINDELEKE ukuthi sihlale amasonto amahlanu singadlali isilomo se-Orlando Pirates, uThembikosi Lorch emuva kokuhlinzwa edolweni.
ULorch walimala ngesikhathi iPirates yehlula iBloemfontein Celtic ngo 1-0 emasontweni amabili edlule. Waphuma emdlalweni emuva kwemizuzu ewu-15 kubonakala ukuthi ulimale kabi.
Nokho kubukeka kungeke kuthathe isikhathi eside kakhulu ngaphambi kokuthi abalandeli beZimnyama babuye bambone enkundleni.
ULorch ulimale ngesikhathi ebonakala eqala ukubuyela efomini eyamnikeza umklomelo weFootballer of the Season ngesizini ka-2018/2019.
Iqembu likuqinisekisile lokhu esitatimendeni elisikhiphe kwi-website yalo izolo. Kuthiwe ubeyosuswa umhluma edolweni.
Ngaphambi komdlalo weCeltic, uLorch waba nomdlalo omuhle kakhulu iPirates ibukisa ngezimbangi iKaizer Chiefs emdlalweni womlenze wokuqala kowandulela owamanqamu eMTN 8. Waphuma kulo mdlalo negoli iBucs inqoba ngo 3-0, wahlabana ngomklomelo womdlali ovelele.
ULorch ube nesizini engayinhle ka-2019/2020 ifomu yakhe iphansi kakhulu. Akugcinanga lapho njengoba nangaphandle kwenkundla ebebhekene nezinkinga eboshelwa ukushaya intombi yakhe.
Emuva komklomelo wakhe womdlali ovelele bebhekene neChiefs uLorch wathi: “Ngifuna ukuqala ngokubonga uMdali ngethalente anginike lona. Ngibonga nomndeni wami, ikakhulukazi ubaba nomama ngokungeseka ezikhathini ezinzima.”
Izindaba ezinhle eziqhamuke ekhempini yePirates ezokuthi umgadli Tshegofatso Mabasa nomdlali wasemuva uBongani Sam sebeluleme ngokugcwele sebeziqeqesha neqembu.
IPirates iyiqale kahle isizini ka-2020/2021. Isethubeni lokuphakamisa indebe ngokuzibekisela indawo kowamanqamu eMTN 8 ezowudlala neCeltic ngoDisemba 12. Inkundla okuzodlalelwa kuyona ayikamenyezelwa.
Kweyeligi ayikahlulwa, idlale kabili ngokulingana yawina kowodwa.
NgoMgqibelo izodlala neSuperSport United e-Orlando Stadium ngo-6 ntambama.