UKUNWENGULWA kweGermany ngo 6-0 uvela kwiSpain emdlalweni wabo wokugcina wamaqoqo we-Uefa Nations League, akumbeki uJoachim Loew engupheni yokuxoshwa kwesokucija iDie Mannschaft.
Lokhu kuvele ngomqondisi weqembu lesizwe laseGermany, u-Oliver Bierhoff ngoLwesibili ngemuva komdlalo.
Ibiqala iGermany ukuhlulwa ngalolu hlobo emdlalweni osemthethweni.
ULoew usale ebakaza kulo mdlalo obuseSeville nobavimbele ekungeneni kumasemi final eNations League.
Emidlalweni eyisishiyagalombili kulo nyaka, iGermany isanqobe emithathu kuphela kodwa uBierhoff umile ekutheni uLoew uzoqhubeka okungenani kuze kufike i-Uefa Euro ngonyaka ozayo.
“Nakanjani (esho ukuthi uLoew uzohlala), yebo. Lo mdlalo awushintshi lutho. Sisamthemba uJoachim Loew, akungatshazwa lokho,” kusho uBierhoff kwi-ARD TV.
“Eqenjini lesizwe kufanele usebenzise umqondo uhlaziye isimo ngomqhudelwano nomqhudelwano. Sifuna ukuzuza lukhulu emqhudelwaneni wangonyaka ozayo.”
Ama-Euro abezodlalwa kulo nyaka ngoJuni-Julayi kodwa umqhudelwano wahlehliselwa u-2021 ngenxa yeCovid-19.
IGermany inenebulwa nje ibidinga iphuzu ukudlulela kumasemifinal.