Nhlanhla Sithole
OMUNYE wokaputeni osehlabane ephindelela ne-Orlando Pirates, uLucky Lekgwathi, ukholwa wukuthi uma inqoba yonke imidlalo esele, bese kuqhuzuka izimbangi zayo kungayisiza iphendule amatafula kwi-Absa Premiership.
Exoxa nentatheli yeSolezwe ngeSonto ngomqhafazo ugcizelele wathi ezikaMagebhula zisenalo ithuba lokukhala zemuke nesicoco seligi uma abadlali bezobuyela enkundleni bezitshela ukuthi bazoyinqoba yonke imidlalo.
“Basengaba ompetha beligi uma bezothi besuka baphonsele wonke amaqembu abazodlala nawo inselelo enzima.
Bangase bayinqobe yonke imidlalo bese kuthi laba ababanga nabo phezulu baqhuzuke emidlalweni embalwa esilele.
Ngaleyo ndlela ngibabona benalo ithuba lokuphendula amatafula,” kusho uLekgwathi.
EzikaMagebhula kumiswe imidlalo yePremiership zihlezi endaweni yesine ohlwiini lokukleliswa kwamaqembu ngokwamaphuzu eziwaqoqile.
Zibambene phezulu neSuperSport United ngamaphuzu awu-40 ehlezi endaweni yesithathu, okuchaza ukuthi zisele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwiKaizer Chiefs eqhwakele phezulu, okuyenza isale kwiMamelodi Sundowns enamaphuzu awu- 44 nehlezi endaweni yesibili.
ULekgwathi ukhulume kanje ngeqembu lakhe elidala, nashiya kulona eyiqhawe labalandeli ngendlela alihola ngayo liyothatha izindebe ezintathu ngesizini eyodwa kulandelana, elizovula ngomdlalo onzima.
Kulo mdlalo lizogadulisana nompetha bangesizini edlule iSundowns eDobsonville Stadium, eSoweto ngo- Agasti 11 ngo 6 ntambama.
Lo mdlalo uzokuba ngumkhombandlela ekutheni ezikaMagebhula zikuyona indlela yokuyophendula amatafula.
Kanti ngokolunye uhlangothi neSundowna izobe ibheke ukuthi iwathatha wonke amaphuzu amathathu ukuze izibeke ethubeni lokubamba Amakhosi.
Amasandawana azodlala lomdlalo ephuma komunye umdlalo onzima weNedbank Cup Semi-Final neBidvest Wits, nayo ezodlalela ukuthi ivalelise kule sigaba ngegiya eliphezulu njengoba ngokuphela kuka-Agasti, leli gama lizokube lingasekho emabhukwini ePremier Soccer League.
Lokhu kulandela ukuthengiselwa kwayo usomabhizini waseLimpopo uLawrence Mulaudzi, ozoyishintsha igama ibe iTshakuma Tsha Madzivhandila (TTM) ngesizini ezayo.
NgoLwesithathu Amakhosi azokube ebhekene neWits nayo ezokube iphuma emdlalweni onzima, emdlalweni ozokuba se-Orlando Stadium, eSoweto ngo-6 ntambama.