KUHLE ukuthi ingoma kaRia Ledwaba inekhwaya elikhulu eliyihubayo, okungumphakathi ofuna ushintsho ebholeni kanjalo nezinkakha zikanobhutshuzwayo zaseNingizimu Afrika.
Okubi kodwa wukuthi ngabantu labo abangenalo ivoti futhi abazobe bengekho engqungqutheleni yokhetho lweSouth African Football Association (Safa) ngoJuni 25.
Abazobe bekhona bevota ngalolo suku, yizifunda zeSafa, iningi lazo okukade kwahlala obala ukuthi zifuna ukubuyisela uDanny Jordaan ihlandla lesithathu ekuholeni inhlangano eyengamele ibhola eNingizimu Afrika.
ULedwaba, obe yiphini likamengameli weSafa, ubanga noJordaan noNgoako “Solly” Mohlabeng ongumengameli weSafa Tshwane, kwesokuhola inhlangano.
Omunye obefake isicelo sokungenela ukhetho nguNomsa Mahlangu, owengamele ezemidlalo e-University of Johannesburg kodwa okhale ngaphansi ukungena ohlwini lwabazokhethwa.
*Umongo womkhankaso kaLedwaba:
Eqhulwini lezethembiso zikaLedwaba: 1 Wukuqikelela ukuthi iyakhuphuka futhi iyafinyelela emazingeni afanele imali ebekelwe ukuthuthukisa ibhola.
2 Wukuvulela abadlali bakudala amasango okusebenzela nokubuyisela emphakathini ngokusebenzela iSafa.
Ngaphandle kwesibindi sokuyibamba emkhakheni wamadodo ephethe iRia Stars, ngasekuqaleni kweminyaka ka-2000, uLedwaba ubambe ezinye izikhundla ezinkulu ebholeni nakweminye imidlalo. Ubekhona nasesigungwini seFifa 2010 Legacy Fund.
UMalombo Lichaba, osengomunye wabavumbululi bethalente ezinkulisa zeSundowns, uke wacashunwa ethi inkinga ngeSafa igqama uma usubuka ukuthi:
“Yileli lizwe kuphela okuthe emuva kokusingatha iWorld Cup kwabonakala yonke into izika phansi. Wonke amanye amazwe emuva kokusingatha iWorld Cup izinto zawo ziyaphakama. Sibhekene nenkinga enkulu ngendlela eyisimanga. Yingakho sidinga ushintsho.”
UMark Fish, inkakha yeBafana Bafana ebisesikwatini esinqobe i-1996 Afcon, yaba naseqenjini lokuqala ukudlala kwiWorld Cup kuyiwa eFrance ngo-1998, yena uthi:
“Ngiyameseka usisi uRia Ledwaba ngoba ngiyayazi futhi ngiyayithanda into eza nayo yokuthuthukisa ibhola labesilisa nabesifazane nasezikoleni.”
UBrian Baloyi, oyinkakha kwiChiefs nakwiBafana, uthe kumele nabo beyizinkakha bazinuke amakhwapha ngokungakhulumi nokwenza babonwe kuphela njengabaqeqeshi (uma sebewagaxe emgibeni).
*Umongo womkhankaso kaMohlabeng:
1 Wukudala amathuba omsebenzi,
2 Wukuthuthukisa izinga lokusebenza lenhlangano,
3 Nokunyusela eqophelweni lomhlaba umkhakha wonondweba.
Akukuningi okwaziwayo ngoMohlabeng ngaphandle kokuthi ngo-Ephreli kuvela ezokungenela kwakhe ukhetho. Uke wabambana ngezihluthu neSafa waze wakhacwa emhlanganweni owabe useSandton.
Kwavela ukuthi wubexoshwa ngenxa yokuphokophelela ukuveza elakhe iphuzu yize engakhonjiwe ukumnika ithuba lalokho. Wagcina ebekwe icala yikomiti eliqondisa ubugwegwe kwiSafa.
*Umongo womkhankaso kaJordaan:
Akukho okusazwakele ngomkhankaso kaJordaan, oke waba yisikhulu esiphezulu kwiSafa nakwi-2010 Fifa World Cup Organising Commitee, ngaphandle kokuthi uyimfivilithi yezifunda.
Kwakungesifanayo nango-2013 ehlula ngamalengiso uMandla “Shoes” Mazibuko ukuthatha izintambo kuKirsten Nematandani kanjalo nango-2018 ewina engabangiswanga emuva kokuphoqeleka kuka-Andile “Ace” Ncobo ukuhoxa okhethweni.
*Uzophinde aluthathe kalula uJordaan ukhetho.
Yize enabo abalandeli uLedwaba kodwa maningi amathuba okuthi agcine engabanga sohlwini lwabakhethwayo ngoJuni 25 emuva kokuqinisekisa kwakhe ukuthi ufake incwadi evimbela ukhetho eNkantolo eNkulu yaseTshwane.
Uthi ukhetho uluvimba ngoba zizitshiwe ngaphakathi kwiSafa izikhalo zakhe ephikisa ukuguqulwa kombhalo wemithetho yokuphathwa kweSafa.
Inkantolo izoluhlalela ngoLwesibili udaba lukaLedwaba.
Isikhulu esingakwazanga ukukhuluma ngokwegama laso, sikugcizelele ukuthi uLedwaba uyinyathele emsileni ngokuya enkantolo kwazise lokho ayikugunyazi iFifa kanjalo nezinhlaka ezingaphansi kwayo.
Nebala neCaf uqobo isiyithumele incwadi egcizelela i-Article 59.3 yeSafa Statutes evimbela uwonkewonke ukuthuthela izindaba zayo enkantolo ejwayelekile.
Iyagcizelela ukuthi uma iSafa ingakusizi, wudlulela kwiCaf, yiFifa uze ufike nakwiCourt of Arbitration in Sports edume ngeleCAS.
Iphinde yacaphuna i-Article 13.1.6. Iqinisekise ukuthi akukho okuphasisa ukuvimba ukhetho, ngakho luzoqhubeka ngoJuni 25. Iphinde yaqinisekisa ukuthi imithetho eshintshwe yiSafa ishintshwe ngokohlelo oluyilo.
Akusiye yedwa uLedwaba okhala ngokungavunyelwa ukukhankasa kodwa noMohlabeng ukhala ezimathonsi ngokubekwa komthetho omusha othi abavunyelwe ukukhankasa kuze kube sekusele izinsuku ezingu-14 kube nokhetho. Ucashunwe emithonjeni eyahlukene elimisa ngesihloko elokuthi lokhu kwenzelwe ukubaguba ukuthi bangafinyeleli kuzo zonke izifunda.
Lokhu kumkhipha kumqede uLedwaba embangweni wokwengamela inhlangano ephethe ibhola ezweni.