UKUFAKA iChelsea FC emaqenjini amane azomela i-English Premier League (EPL) kwi-Uefa Champions League ngo-20202/2021 kube wumsebenzi owanele ukuphosa uFrank Lampard embangweni womqeqeshi ovelele kule ligi ngesizini esongiwe.
EzikaLampard ziqede endaweni yesine ngemuva kweManchester United, ebashiye ngamagoli kodwa belingana ngamaphuzu angu-66.
EzikaLampard ziguqe ngo 2-1 komkhaya, i-Arsenal, kowamanqamu eFA Cup eWembley Stadium ngempelasonto eyedlule.
Bekuyisizini yakhe yokuqala uLampard eqeqesha kwiPremier League kanti ubanga nezinsephe kuJurgen Klopp weLiverpool FC, Brendan Rodgers weLeicester City noChris Wilder weSheffield United.
Wumlando ongeke ugqwale oqoshwe nguKlopp ehola iLiverpool igqiba ishobolo leminyaka engu-30 isizwa ngedaba isicoco seligi.
URodgers kwale kancane afake iLeicester kwiChampions League kodwa ike yadlala imidlalo eminingi iyizwa ngendaba induku.
UWilder nokho ubonwa abaningi njengengozi kulo mqhele ngenxa yendlela iqembu lakhe elidlale kahle ngayo ngesizini yalo yokuqala kwiPremier League.
EzikaWilder ziqede endaweni yesishiyagalolunye nokuyinto eyivela kancane eqenjini elisuka kwiChampionship.
Kuzokhumbuleka ukuthi iNorwich City abanyuke nayo igcine idliwe yizembe kanti i-Aston Villa isinde ngokulambisa.