Ezemidlalo Ibhola

Ukulimala kwabadlali kunyomfe izinhlelo zamaProteas

Mthokozisi Mncuseni|Published

UBUQHAWE bukakaputeni wamaProteas, uTemba Bavuma, abukhombise emdlalweni wamanqamu we-ICC Test Championship ngokuqhubeka nokudlala ekubeni eselimele, buholele ekutheni eqiwe imidlalo emibili ye-Test yeNingizimu Afrika neZimbabwe, ezoqala ngoMgqibelo, e-Queens Sports Club, KwaBulawayo.

Isandla esifakwe uBavuma ngokuqhubeka nokudlala esedonseke umsipha ngenhloso yokusiza iqembu lakhe ukuthi libe ngompetha bomhlaba, siholele ekutheni angabi yingxenye yeqembu eliyoncintisana nomakhelwane iZimbabwe.

Isikhundla sikaBavuma sobukaputeni sizothathwa uKeshav Maharaj oyiphini lakhe.

Akuyena uBavuma yedwa ongeke ahambe namaProteas eZimbabwe ngenxa yokulimala kodwa nomshwibi uLungi Ngidi uyasala.

UNgidi uhlale cishe isizini edlule yonke engadlali njengoba eqhamuke kowamanqamu wathatha amawikhethi amqoka ngesikhathi leli qembu lesizwe linqoba kwi-Australia emasontweni adlule, eLords, e-England.

Bobabili laba badlali kuke kwabalandela ukulimala kumasizini adlule kodwa okuhle ngabo ukuthi njalo uma bebuya (ekulimaleni) bajwayele ukuba nenhlanhla yokulenzela ezibukwayo leli qembu lesizwe eseliqeqeshwa uShukri Conrad kwi-Test, One Day International (ODI) nakwi-T20.

“Ukulimala kuyingxenye yomdlalo ngakho-ke ngiyakwamukela futhi kuhle ngizoke ngithole nesikhathi nomndeni,” kusho uBavuma ethimbeni labezindaba leCricket South Africa (CSA).

UNgidi uthe: “Baningi abebekhuluma ngokulimala kwami ngaphambi kowamanqamu we-Test kodwa manje sekuthule kuthe cwaka.”