ULionel Messi ophinde wathembisa abalandeli beBarcelona ukuthi bazosilwela isicoco seChampions League kule sizini. Isithombe: AP Photo/Joan Monfort

AKEKHO ongangabaza ukuthi iF.C Barcelona ebiqeqeshwa nguPep Guardiola kusuka ngo-2008 kuya ku-2012, ibalwa namaqembu enza ezibukwayo emlandweni kanobhutshuzwayo emhlabeni. 

Ngaleli qembu elaliqukethe abadlali okubalwa kubo uLionel Messi, Xavi Hernandes, Andres Iniesta noCarlos Puyol, uGuardiola waqopha umlando enqoba izindebe ezingu-14 okubalwa kuzo neChampions League ayidle kabili.

Ngemuva kwalokho uGuardiola uhlabe ikhefu lonyaka ekuqeqesheni ngaphambi kokuvuka ezinkunzini zaseGermany, iBayern Munich ngesizini ka-2013/2014.

Eminyakeni emine ekwiBarcelona uGuardiola wadayisa izinkakha zabadlali kuleli qembu exosha uDeco noRonaldinho, kwaba nguSamuel Eto’o ngesiizni elandelayo.

UGuardiola, owayengukaputeni weBarcelona, wavala izikhala zalaba ngezibabuli okubalwa kuzo uThiery Henry noZlatan Ibrahimovic.

Okumqoka okwenziwa nguGuardiola nokwamlethela impumelelo enkulu nokho wukwakha iqembu elalizokwakhela iBarcelona ukuhlonishwa kodwa ebe engawuguqulanga umgogodla weqembu.

Kuzokhumbuleka ukuthi yize athenga abanye abadlali kodwa waqhubeka wabeka ithemba lakhe kubadlali abaphekwa kwinkulisa yezaseCatalonia, edume nge ‘La Masia’ nokuyiyo ethuthukise abadlali abanjengo-Iniesta naye uMessi kwabanye. 

Nabafike ngemuva kukaGuardiola bazamile ukuqhubeka lapho eshiye khona bethenga ngokucophelela abangenakho kuNeymar waseBrazil noLuis Suarez wase-Uruguay. Laba babumba udonga lwamafolosi olubilayo behlangene noMessi kangangoba nesicoco se-Uefa Champions League sigcine ukuya eCatalonia kusagadla ngabo bobabthathu.

Ukuhamba kukaNeymar, udayiswe kwiParis Saint Germain (PSG) ngo-220 million wama-Euro ngo-2016,  kubukeka kulethe ukudideka kwiBarcelona.

Indlela abewaqhulula ngayo amagoli kwiBarcelona uNeymar kwazise ushiye nerekhodi likaRonaldinho langu-94 (washiya eshaye amagoli amaningi okudlula bonke abaseBrazil abadlale kwiBarcelona) nokusho ukuthi kuyaphoqa ukuthi kuthungathwe ozovala isikhala sakhe.

Nangempela iBarcelona izamile ukuvala leso sikhala kodwa yilapho ilahlekelwe khona yindlela yayo yokwenza izinto.

Izame ukuvala isikhala sikaNeymar ngo-Ousmane Dembele waseFrance, Malcom Filipe waseBrazil noPhillippe Coutinho naye waseBrazil, izinto ezingabahambelanga kahle neze kuleli qembu selokhu belijoyina ngesizini ka-2018/2019. 

UDembele (22) lukhulu asengaluzuza kwiBarcelona uma kungase kunciphe isikhathi asichitha eneswa odokotela ngenxa yokulimala. 

U-Ousmane Dembele waseFrance akakawutholi umgqigqo kwiBarcelona ngenxa yokulimala. Isithombe: Photo/Ion Alcoba Beitia

Ngemuva kokuchitha izigidi bethenga uCoutinho, lo mdlali ubukeka engasanalo ikusasa kuleli qembu. 

Ngemuva kokuhluleka ukuqhwaga ijezi eqenjini lika-Ernesto Velverde, uCoutinho bamufake ebhanoyini bambolekisa kwiBayern, enegunya lokumthenga ngokwesivumelwano abanaso. UMalcom usesemabhukwini eZenit Saint Petersburg. 

Isimo salaba badlali siphoqa i-Barcelona ukuthi iphinde ithungathe njengoba igcine ivukile no-Antoine Griezmann waseFrance.

Njengoba lisavuliwe iwindi lokudayiselana abadlali e-Europe (ngaphandle kwase-England) iBarcelona isisebenzise imali ebalelwa ku-239 million wama-Euro ithenga abadlali abasha okubalwa kubo yena uGriezmann noFrenkie De Jong.

IBarcelona isayinise umdlali waseNetherlands uFrenkie de Jong izama ukuqinisa esiswini. Esithombeni uthathwe nomengameli weqembu uJosep Maria Bartomeu ngesikhathi ethulwa eCamp Nou Stadium. Isithombe: AP Photo/Emilio Morenatti

UGriezmann uthengwe ezimbangini i-Atletico Madrid kanti uDe Jong ubegijima kwi-Ajax Amsterdam yangakubo eNetherlands.

Abanye abadlali abalandwe ekuqaleni kwesizini uJunior Firpo othengwe kwiReal Betis kanye nonozinti uNeto obevimba kwiValencia ngesizini edlule. 

Umbuzo uthi ngabe laba bazokwazi yini ukuvala isikhala sikaNeymar, babuyise iBarca isithunzi sayo noma sekuyoze kubuye yena?

Kusanemibiko ematanisa iBarcelona noNeymar, owayilaxaza ethi usefuna ukwenza okusha ebholeni. 

UNeymar ujoyine iPSG ebithenga kwasani ibuswa yiphupho ukufezekisa iphupho lokunqoba i-Uefa Champions League kanti okumnika umzila obuyela kwiBarcelona wukuthi iqembu laseFrance uselimi emphinjeni. 

Kungaba iyamthola noma ayimtholi uNeymar iBarcelona, kodwa ukugcwala izinkalo ngemuva kokuhamba kwakhe kubukeka kuyiphendule iPSG echitha izindodla zemali iwola abadlali abaphambili emhlabeni ngemizamo yokunqoba iChampions League.

Umdlali okubhekwe ukuthi avale isikhala samagoli ayeshaywa uNeymar u-Antoine Griezmann, wathwala kanzima kumdlalo wokuqala weBarcelona bebhekene ne-Athletic Bilbao. Isithombe: AP Photo/Ion Alcoba Beitia

Umlando wokuthenga abadlali abaphambili emhlabeni wumkhuba obumataniswa neReal Madrid, okungafuniselwa ukuthi ukunqoba kwayo aiChampions League kathathu kulandelana, akwehli kahle kwiBarcelona.

UMessi, ukaputeni weBarcelona uyakuqonda ukuthi ifuneka kangakanani iChampions League eCatalonia kodwa omunye umbuzo uthi ngabe unabo yini abadlali abazomsiza aphinde agcine ukukwenza noNeymar noSuarez noma nje ufakela abanye abadlali ingcindezi nokulokhu ethembisa abalandeli lesi sicoco. 

Ngemuva komdlalo wokugcina wokulungiselela ukuqala kwesizini ka-2019/2020, uMessi ayedlala kuwo, leli nxele libonakale likhuluma nezinkumbi zabalandeli eCamp Nou libathembisa ukuthi bazokwenza kangcono kule sizini, yize benqobe isicoco seLa Liga ngesizini edlule. 

UMessi uveze ukuthi akazisoli ngokubathembisa isicoco seChampions League nangesizini edlule kanti nakule sizini ubathembise okufanayo. Sekuwumlando ukuthi ngesizini edlule iUCL igcine inqotshwe yiLiverpool, okuyiyo ekhiphe iBarcelona kuma-semi final.

IBarcelona igcine ngo-2015 ukunqoba iChampions League kanti ngo-2018 ingene ehlazweni ikhiswa yiRoma kuma-quarterfinal kungazelele muntu.

IBarcelona ivule isizini entsha ngenduku ishaywa ngo 1-0 yiqembu eseliphenduke iphela endlebeni emaqenjini amakhulu kwiLa Liga, i-Athletico Bilbao. Abadlali bayo abasha babekhona enkundleni. 

Yize uMessi ebengekho ngenxa yokulimala, kuqaphelekile nokho ukuthi iBarcelona, amakhosi eTiki-Taka, aseshintshe unyawo, ayisadlali ibhola layo eliphathisa izimbangi ngenzululwane zijaha ibhola nedle ngalo izicoco.