’UBHUTI omdala’ kubaqeqeshi beMamelodi Sundowns, uSteve Komphela, uvuse abaleli qembu ngomthandazo ngaphambi komdlalo weKaizer Chiefs weDStv Premiership.
La maqembu azonqwamana eLoftus Versfeld ngeSonto ngo-5 ntambama.
Elika ’bhuti omdala’ kuKomphela (54) livela ngokuthi nguye oneminyaka ethe xaxa kozwabo acija nabo iSundowns, uManqoba Mngqithi (50) noRulani Mokwena (34).
NgoLwesihlanu ekuseni kuvukwe ngomkhuleko kaKomphela, okungaqondakali noma ubebambe isiguqo yini kwazise baya kulo mdlalo nje kunemibiko ngokungqubuzana kubaqeqeshi beSundowns.
Esithangamini nabezindaba ngoLwesine, uMokwena ukuqinisekisile ukungqubuzana kwakhe noMngqithi wabika nokuthi uzakwabo ubuyile wazoxolisa ngemuva kokumbhinqa ejimini.
Kwenzeka konke lokhu nje, uKomphela umataniswa ne-Orlando Pirates.
Uhambe kanje umthandazo kaKomphela.
“Umthandazo wethu nani nonke @Masandawana...
“Ukugcina amazinga okuthembana kwethu, ukuzethemba, ukukholwa nenkolo kusezingeni eliphezulu ukwedlula zonke ezinye izikhathi futhi kuzohlezi kuvivinyeka.
“(esebhala ngesiSuthu) “A-ke-ke ra fela matla”. Njengoba singcwaba izolo, simema ikusasa sibhekisa phezulu iminwana yethu (ngokophawu lweSundowns) simemeze sithi ’SITL’ (nokuyisiqubulo seSundowns esithi Sky Is The Limit). Amen,“ kuloba uKomphela ekhasini lakhe kwiTwitter.
Lo mthandazo kuyavela ukuthi uKomphela uwuphanyeke phakathi kwamabili kuhlukana usuku langoLwesine nolwangoLwesihlanu olwandulela umdlalo.
ISundowns ikhiphe iChiefs kuma-quarterfinal eMTN8 behlangana eLucas Moripe ngenyanga edlule.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesizini edlule egcina ukuhlangana eLoftus la maqembu, iChiefs iqhuthe iSundowns amaphiko iyehlula ngo 2-1 koweligi.
Ibiqala igcina ngalowo mdlalo iSundowns ukwehlulwa ngesizini edlule nokwenze yaziwinela kalula isicoco seDStv Premiership.