UGEORGE Lebese osanda kushiya iMamelodi Sundowns kuthiwa angase abuyele kwiKaizer Chiefs asuke kuyo ejoyina amaBrazilians

UKAPUTENI weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, uncenga izikhulu zeqembu ukuthi zibuyise uGeorge Lebese ongenaqembu ngemuva kokudedelwa yiMamelodi Sundowns.

Imithombo ithe ngemuva kokuba iSundowns inike uLebese iphepha elimkhululayo ngemizuzu yokugcina, uKhune uhlangane nemeneja uBobby Motaung eyincenga ukuthi ibe nozwelo kuLebese oyibamba esiswini.

Kuthiwa naye uLebese ukulangazelele kakhulu ukubuyela kwiChiefs futhi uzimisele ngokwamukela noma yimuphi umbandela obekwa yiqembu. Nokho kuthiwa uMotaung (Bobby) akayizwa eyokubuyisa uLebese, uzeseka ngokuthi wahamba kabi maqede wakhuluma akuthandayo ngeqembu ngesikhathi ejoyina iSundowns.

Kuyinto eyaziwayo ukuthi uKhune, ohlonishwayo ngenxa yobuholi bakhe kwiChiefs naseqenjini lesizwe iBafana Bafana, uwumngani omkhulu kaLebese odabuka eMamelodi, ePitoli.

Njengamanje emaqenjini okuthiwa acathamela uLebese kubalwa iCape Town City, eqeqeshwa nguBenni McCarthy neHighlands Park yona ecijwa ngu-Owen Da Gama.

“Ngemuva kokuba iSundowns imkhululile uLebese, umngani wakhe uKhune umkhulumele noMotaung ukuba ambuyise. Kubukeka nokho uMotaung enegqubu ngokujoyina kukaLebese iSundowns kumasizini edlule. Umi kwelokuthi kumele aqale akhulume nomqeqeshi weqembu * -Ernst Middendorp owukhiye. Maduze kulindeleke ukuthi uKhune ahlangane noMiddendorp ukuthola ukuthi simi kuphi nalolu daba,” kubeka umthombo.

Omunye umthombo ongaphakathi kwiSundowns uveze ukuthi empeleni uKhune uqale ukukhulumela uLebese kwiChiefs ngaphambi kokuthi abolekiswe yiSundowns kwiSuperSport ekuqaleni konyaka.

KuMakhosi , uLebese odlale imidlalo ewu-147 wase eshaya amagoli awu-22, uhambe ngo-2017 eyojoyina iSundowns angabanga kuyo nesikhathi esihle. Kuyo udlale imidlalo ewu-10 yeligi, emibili yeNedbank Cup nowodwa weMTN 8 noweTelkom Knockout. Ushaye amagoli amabili

Ekuqaleni konyaka ujoyine iSuperSport abebanga kuyo indawo nabadlali abafana no-Aubrey Modiba, Reneilwe Letsholonyane, Dean Furman, Thabo Mnyamane, Philani Ntshangase noTeboho Mokoena. Kuyona udlale eyisikhombisa kuphela.

Abemakhulu amathemba okuthi Amatsatsantsa a Pitori azomsayinisa. Nokho anqume ukumphindisela eChloorkop.

UVina Maphosa okhulumela iChiefs, uthe: “Akuwena owokuqala ukungibuza ngalolu daba. Ngizoke ngibuze ubuholi beqembu ngala mampunge engingazi ukuthi aphuma kuphi. Ziningi izinto ezibalulekile esimatasa ngazo, kuzoba lukhuni ukuthi silokhu sinakana nezinto ezingaliyisi ndawo iqembu futhi esingazi ukuthi ziphuma kuphi. Ngicela ungithinte ngokuhamba kwesikhathi mhlawumbe kukhona engizobe sengitshelwe kona”.

IChiefs izobuyela emidlalweni ye-Absa Premiership ngokubhekana nePolokwane City eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

Khonamanjalo iqembu lakuleli le-Under 23 libambane ngo 0-0 neZimbabwe emlenzeni wesibili wokuhlungela i-Afcon izolo. Umlenze wokuqala waphela ngo 5-0 kuleli. Lokhu kusho ukuthi lizoya kwi-Afcon ese-Egypt nonyaka.

Imidlalo ye-Absa Premiership

NgoMgqibelo: Lamontville Golden Arrows v AmaZulu FC (Sugar Ray Xulu Stadium, 3pm); Orlando Pirates v Chippa United (Orlando Stadium, 3pm); Kaizer Chiefs v Polokwane City (FNB Stadium, 6pm); SuperSport United v Cape Town City FC (Mbombela Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Black Leopards v Baroka FC (Thohoyandou Stadium, 3pm); Bloemfontein Celtic v Stellenbosch (Dr Molemela Stadium, 3pm)