UBESELAHLE ithemba ngokudlala kwi-DStv Premiership, uSibusiso Khumalo, osayiniswe yiBlack Leopards esehlezi ekhaya.
UKhumalo waseNanda, eThekwini, odlala emuva kwesokunxele, wehlele kwiGladAfrica Championship emuva kokuchithwa yi-Ajax Cape Town kade idliwe yizembe ekupheleni kwesizini ka-2018/2019.
Ubesekade eseqenjini leTS Sporting eligawulwe yizembe kwiGladAfrica ngesizini edlule. Emuva kwalokho uKhumalo uhlale ekhaya, wajika nelanga.
“Kade lingasekho ithemba lokubuyela kwiPremiership. Kade sengizimisele ukuthatha noma yimalini ukuze ngondle umndeni wami.
“Ngisho u-R5000 bengingawuthatha. Emuva kokugawulwa yizembe neTS ngihlale ekhaya. Kade sengizitshelile ukuthi angisakhethile, ngizothatha noma yini eqhamukayo.
“Uma usasebenza awuboni ukuthi umsebenzi ubaluleke kangakanani. Ngifundile ukuthi kufanele uzimisele ngomsebenzi,” kusho uKhumalo.
UKhumalo udlale kwiMoroka Swallows, Mamelodi Sundowns, SuperSport United, nakwiKaizer Chiefs. Wayeseqenjini lesizwe lika-Under 20 eladlala koweNdebe yoMhlaba e-Egypt ngo-2009.
Khona wayedlala no-Andile Jali, George Maluleka, Daren Keet, Dylan Classen, Thulani Serero, Ramahlwe Mphahlele nabanye. Ukhululele enkulisa iStars of Africa kaFarook Khan ekhiqize uTokelo Rantie, May Mahlangu, Luther Singh.
KwiBlack Leopards usedlale imidlalo emithathu kule sizini.
“Ebholeni uyayidinga inhlanhla. Mina ngishoda ngayo. Ngiyazibona ukuthi ngisengadlala. Akulula ukubuyela kwiPremiership.
“Kodwa ngicabanga ukuthi ukudlala kwiGladAfrica kungisize kakhulu ngoba awunikwa isikhathi ebholeni. Kade sengijwayele lokho.
“Engizibekele kona manje wukuthi ngidlale imidlalo eminingi. Ngithandazela ukuthi ngingalimali. Kungangijabulisa futhi ukusiza iLeopards idlale kwi-Top 8 ngesizini ezayo.”
Khonamanjalo, iLeopards imkhombe indlela umqeqeshi uPatrick Aussems waseBelgium obekade eqashwe ngenyanga edlule esuka kwiSimba SC yaseTanzania.
ILidoda Duvha ibuyise uDylan Kerr oyivikise izembe ngesizini ka-2018/2019. UKerr uxoshwe ngomakhelwane beLeopards, iBaroka, ngesonto eledlule.
Ngaphandle kokuxoshwa kuka-Aussems, iLeopards ikhombe indlela umgadli uRoggert Nyundu obekade esanda kusayina. Kuthiwa abaphathi abajabule ngomsebenzi wakhe emidlalweni embalwa.
ILeopards isemsileni we-log yePremiership. Isahlulwe kuyo yomithathu imidlalo esayidlalile. NgoMgqibelo izokwamukela iMaritzburg United emdlalweni weligi eThohoyandou Stadium, eGiyani, ngo-3.30 ntambama.