UMDLALI omusha weKaizer Chiefs, u-Ethan Chislett.
Image: BACKPAGEPIX
UYISE womdlali wasesiswini omusha weKaizer Chiefs, u-Ethan Chislett, unethemba lokuthi indodana yakhe izozinza kahle eqenjini futhi ilisize lithuthuke kakhulu kule sizini.
UDonovan Chislett, owake wagijima kwiManning Rangers nakuMaZulu, uveze lokhu engxoxweni ekhethekile neSolezwe ese-England.
Uzwakalise ukuziqhenya ngesinqumo sika-Ethan sokujoyina elinye lamaqembu amakhulu e-Afrika ekubeni bekunamanye amaqembu abefuna ukumsayinisa.
“Leli ngelinye lamaqembu anomlando omuhle e-Afrika ngakho-ke kusho lukhulu kithina njengomndeni njengoba singabaseNingizimu Afrika. Amadodana ami womane kade aqala ukuthanda iChiefs futhi abewathenga amajezi ayo ngisho sihlala phesheya,” kusho uDonovan.
U-Ethan wazalelwa eThekwini, wathuthela eNgilandi nomndeni wakhe eneminyaka eyisithupha. Udlalele inqwaba yamaqembu ezigabeni eziphansi e-England, wagcina esekhuphukele emaqenjini afana neWimbledon nePort Vale.
Uyise uchaze umndeni wabo njengozinikele kakhulu ebholeni. Ukhokho ka-Ethan wayedlala eqenjini lamasosha lakuleli ngeminyaka yawo-1940, umkhulu wakhe uGordon, odlule emhlabeni ngoJanuwari nonyaka, wadlalela iDurban City, iDurban United neqembu lesizwe laseNingizimu Afrika ngeminyaka yawo-1970.
UDonovan wadlala ezingeni elikhokhelayo emaqenjini aseThekwini iManning Rangers naMaZulu FC, futhi usengumqeqeshi, kanti amanye amadodana akhe amathathu amancane kuno-Ethan nawo adlala ibhola emazingeni ahlukene.
Ukholwa wukuthi indodana yakhe iyilungele kahle inselelo yokujwayela ibhola laseNingizimu Afrika, ikakhulukazi eqenjini elifana neChiefs lapho abalandeli bayo abaningi behlale befuna imiphumela emihle futhi belindele ukuthi abadlali abasha basheshe bagqame.
"U-Ethan ubewabuka amazwibela emidlalo yaseNingizimu Afrika, angicabangi ukuthi kukhona okuzomumangaza kangako. Ungumuntu okhululekile, onenhlonipho futhi uyezwana nabo bonke abantu ngakho-ke angicabangi ukuthi kuzoba yinkinga ukuzinza eqenjini," kusho uDonovan.
"Noma yimuphi umdlali othuthela kwelinye izwe kufanele ajwayele indlela izinto ezenziwa ngayo kulelo lizwe kanye nendlela yokudlala. Abadlali baseNingizimu Afrika banamandla, banesivinini futhi banomjiko. Kufanele akujwayele lokho, isimo sezulu nokunye.
U-Ethan ungomunye wabadlali abaningi abasayiniswe yiChiefs ngaphambi kokuqala kwesizini entsha. Abanye abadlali abasha asebeqinisekisiwe ngumgadli wasePortugal, uFlávio Silva, umdlali wasemuva kwesokunxele uNkanyiso Shinga, nezitobha ezisuka kwi-Orlando Pirates uThabiso Monyane noPaseka Mako.
“U-Ethan uligcina kahle ibhola ezinyaweni, aye nalo phambili, kodwa futhi uxhumana kahle nozakwabo, ikakhulukazi eduze kwebhokisi. Ulikhahlela kahle ibhola uma ebhekene nepali. Unawo wonke amakhono adingekayo kumdlali wasesiswini oya phambili," uqhube kanje uDonovan.
“Njengomqeqeshi ngiphinde ngigcizelele kuwo wonke amadodona ami ukuthi kumele azikhandle noma engaliphethe ibhola, agijime ayolekelela uma iqembu limaka.
"Okumqoka njengamanje wukuthi u-Ethan enze kahle kwiChiefs ngethemba ukuthi ngelinye ilanga imisebenzi yakhe iyogcina imfake eqenjini lesizwe. Sibonga kakhulu kwiChiefs ngokumnika leli thuba."
Related Topics: