UKHISHWE ngamaphoyisa owayengumqeqeshi weBafana Bafana, u-Ephraim “Shakes” Mashaba, obesedlubulundele wangena ngaphakathi lapho bekuqhubeka khona ukhetho.
UShakes ubehlose ukuyotshela izithunywa ebeziqhamuka ezifundeni zeSafa ngezinguquko abathi bayazidinga ekuphathweni kwebhola.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi kuqhubeka ukhetho eSandton Centre, eGoli, ngoMgqibelo ngesikhathi zibuya inhlazane.
Umbhikiso ubusuqiniswe wukuba khona kwezinye izinkakha zebhola, kuzo okubalwa uJan “Malombo” Lichaba, Bafana Brian “Spiderman” Baloyi noPapa Dire bonke abangamalungu engeneme eSouth African Football Legends and Masters Association.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto ngesimo sebhola ezweni uMashaba uthe: “Ngiyethemba ukuthi kuzoshintsha ngoba sifuna uguquko ebholeni. Sifuna umuntu ozoqhamu nomhlahlandlela omusha ngenxa yezinguquko ebholeni.”
Enye insizwa engazishongo igama layo kodwa ethe bayiTransformation of Football Forum ilibeke ngembaba elokuthi uDanny Jordaan ngeke akuthole ukuphumula ngoba bazowuqinisa umkhankaso wabo, izinkantolo zibachithile zibeka ukuthi isicelo sabo sokumisa ukhetho asiphuthumi.
“Ukungena kwethu ngaphakathi ngaphandle kwemvume besingalwi futhi besiyobatshele ukuthi sikhona, abeze bazokwamukela uhla lwethu lwezikhalo. Abantu kumele bazi ukuthi asilwi, kuphela sizozwakalisa ukungenami kwethu ngendlela izinto ezenzeka ngayo. Kodwa uma kungezwakali sizowufuqa kakhulu umkhankaso wethu ukuqinisekisa ukuthi uDanny akakutholi ukuphumula,” kusho insizwa