UMABHUTI Khenyeza uzoshumayela ivangeli lokuzethemba kubadlali bakhe ukuze bakwazi ukubhekana nemidlalo esele kwiGladAfrica Championship, osekuqinisekisiwe ukuthi izobuyela enkundleni ngemuva kwezinyanga ezine kungadlalwa ngenxa yeCoronavirus.
I-Premier Soccer League (PSL) kuleli sonto imemezele ukuthi imidlalo izobuya ngo-Agasti 8, kuqala ngeyeNedbank Cup, okuzobe sekulandela eyamaligi, i-Absa Premiershpi neGladAfrica Championship okuyisigaba sesibili ezingeni elikhokhelayo eNingizimu Afrika.
Iqembu likaKhenyeza, iTS Galaxy, kume imidlalo libambe indawo ka-12 kwi-log ngamaphuzu awu-28.
“Bekunzima ngoba sibhekane nesimo esingakaze senzeke phambilini, ukuthi ibhola lingadlalwa izinyanga cishe ezintathu.
“Sibonile nase-Europe imidlalo ibuye ngegiya eliphansi kodwa laya ngokwenyuka ngokujwayela. Bekunzima hhayi ngokomzimba kuphela kodwa nasemqondweni, nokho ekugcineni kosuku kumele sidlale.
“Sizozama ngakho konke okusemandleni sibe sesisimeni esikahle ngokomzimba. Uma mina ngiqinile nabo bazoqina. Ngidinga ukuthi ngibakhuthaze. Uma ngikhombisa ukuba buthaka lokho kuzosuleleka nakubona abadlali,” kusho uKhenyeza.
Phakathi kwemidlalo esalele iGalaxy, kukhona Uthongathi FC, iRichards Bay FC, Free State Stars, Cape Umoya, Royal Eagles neJDR.
“Kule midlalo eyisithupha, akumele silokhu sibeka izaba. Kumele silwe. Sizophinde sibhunge njengeqembu ngamaphuzu esihlose ukuwathola kodwa kufanele silwele yonke into ephambi kwethu.”
Uthe ikhefu elibe khona limnikeze ithuba lokuqonda kangcono iqembu lakhe njengabantu hhayi njengabadlali kuphela.
“Abadlali ngingasho ukuthi baku-70% noma-80% (ngokulungela imidlalo ngokomzimba). Kumele sazi ukuthi sizobanakekela kanjani ukuze balulame ngemuva kwemidlalo. Uma umqondo uzimisele, nomzimba uzokwenza lokhu okufanele, ungakwazi ukulwa noma ngabe amandla awekho. Ekugcineni ungaba sesimeni esiwu-100% ngokomzimba kodwa uma umqondo wakho ungekho lapho ngeke uwenze umsebenzi,” kusho uKhenyeza othathe izintambo kuDan Malesela maphakathi nesizini.
KwiGladAfrica Championship amaqembu alwela ukukhuphukela kwi-Absa Premiership yi-Ajax Cape Town esesicongweni. Ilandelwa iSwallows FC endaweni yesibili kuthi Uthongathi lube sendaweni yesithathu.
Iqembu elizoqeda phezulu liya ngqo kwi-Absa Premiership kuthi amabili alandelayo adlale eyokuhlunga nelilodwa elizoqeda endaweni ka-15 esigabeni esiphezulu. Amabili azoqeda emsileni ehlela kwiSafa Motsepe League.
UMABHUTI Khenyeza, weTS Galaxy, uthi uzoba-gqugquzela abadlali njengoba kubuya imidlalo ye-Glad-Africa Champion-ship ka-2019/2020