UMQEQESHI weqembu leKaizer Chiefs elidlala kwiDStv Diski Challenge, uVela Khumalo, ubona isitobha sakhe u-Aiden McCarthy, sizodlondlobala simedlule uyise oyinkakha yaMakhosi.
U-Aiden uyindodana kaFabian McCarthy owayeyintandokazi yabalandeli beChiefs. Ushaye into ecokeme ngempelasonto edlule begebhula i-Orlando Pirates ngo-3-0 koweligi.
Ushaye igoli lokuqala leChiefs, wagcina eqokwe njengomdlali ovelele. UFabian, owayeyisiqongqwane esihlonishwayo kuMakhosi edlala ngokuzwana emuva maphakathi noPatrick Mabedi, wawina isicoco seligi kabili eNaturena. Wadlala imidlalo engu-120 phakathi kuka-2003 no-2008. Waba nemidlalo engu-10 kwiBafana Bafana.
U-Aiden udlala yona le ndawo eyayidlalwa nguyise.
"Ngokubona kwami, uzoba ngaphezulu kukayise. Ikusasa lakhe liqhakazile. Uma nje engaqhubeka asebenze kanzima. Okuhle ngaye wukuthi usethole ukuvela emehlweni omhlaba esemncane. Lokhu kusho ukuthi unethuba lokunakekeleka kangcono. Unomqondo webhola futhi uyalalela. Uma eqhubeka nokudlala kanje, uzoyithola indawo eqenjini lesizwe lika-Under 20," kusho uKhumalo.
UKhumalo, obekade eqeqesha iqembu lika-Under 19 leChiefs, akakanikwa ngokugcwele esokupheka eleDiski Challenge ebeliqeqeshwa ngu-Arthur Zwane noDillon Sheppard ngesizini edlule. Ubuye abe wumqeqeshi weqembu lesizwe lika-Under 17.
"Kimina okubalulekile wukubona abafana bethuthuka bedlulela eqenjini elikhulu. Ukuwina kuyibhonasi. Indlela engifuna sidlale ngayo wukuthi siyiphathe imidlalo esizoyidlala. Konke kusahamba kahle futhi ngijabule ngendlela izinto ezenzeka ngayo," kusho uKhumalo.
NgoMgqibelo, iChiefs izovakashela iLamontville Golden Arrows emdlalweni ozoba sePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngo-10 ekuseni.