MTHOKOZISI MNCUSENI
UPHIKA eyokuncikiselela uMasipala uMsunduzi usihlalo weMaritzburg United, uFarouk Kadodia, osejikile ekutheni uvule izandla kunoma ngubani ofuna ukuthenga leli qembu elidlala kwiDStv Premiership.
UKadodia ubekhuluma kwiMetro FM ngoMsombuluko lapho ebesecula khona ingoma ehluke kakhulu kuna le abeyihlabelela embikweni we-The Witness ngeledlule.
Okuningi uyavuma ukuthi ukushilo uKadodia kodwa ngokwakhe kusetshenziswe ihaba kakhulu ngesikhathi sekubikwa.
Ukuphumela obala kukaKadodia ngokushaya kwakhe indali iTeam of Choice, abaningi bakubone njengendlela enobuhlakani yokuvalela ekhoneni uMasipala okuyiwona ozoshayeka kakhulu uma ulahlekelwa yiqembu (uma lithengwa kwesinye isifundazwe).
Lesi sikhulu sikuphikile lokhu sizeseka ngokuthi ukudayisela umuntu ongeyena owaseMgungundlovu kungaba yinto yokugcina esiyenzayo, futhi nakhona isimo kuyobe siphoqa ngale ndlela yokuthi akukho okunye okungenziwa.
“Akulona iqiniso ukuthi ngivalela ekhoneni uMasipala wethu ngoba ngiyaqonda ukuthi yini edale ukuthi lunqamuke uxhaso abese besisekele ngalo iminyaka.
“Inkinga ibhekene nathi uqobo. Sesikuzame konke kodwa ukuphatha iqembu elidlala esigabeni esikhulu ngaphandle kwabaxhasi, akuyona into elula.
“Ungezwa abantu bekhuluma ngezigidi okuthiwa yizibonelelo ezitholwa ngamaqembu e-PSL ngenyanga kodwa yonke leyo mali iphelela ezindlekweni zeqembu njengamaholo abadlali.
“Ukudayisa abadlali kuke kusize kodwa uma naleyo mali kuzoba iyona futhi okupheshwa ngayo kwezinye izindawo, nakanjani kukhona lapho izibalo zingeke zihlangane khona,” usho kanje wazibekela amasonto amathathu ukuthi kube sekukhona asekuhlanganisile.
“Isifiso sami esikhulu wukuthi ngihlanganise okuthile kodwa iqembu lihlale eMgungundlovu. Sidinga okungenani umuntu ozofaka uR10 million ngesizini bese sibona ukuthi sixoxa sifikaphi.
“Ngikholwa ukuthi emalini uMasipala obuyifaka kithina minyaka yonke, ikhona inzuzo (uMasipala) oyitholile ngalokho.
“Ngalapho ngiyaziqhenya futhi ngiyakholelwa ekutheni uma izimo seziguqukile ubudlelwano bethu buyobuya ngoba akubona obemali kuphela kodwa buhamba ibanga elide,” kusho yena.
Uphikile ukuthi kunabantu baseKapa akhuluma nabo ngokudayiselana. “Amanga lawo. Akekho umuntu waseKapa engixoxa naye ngokudayiselana. Ukudayisa iqembu kwesinye isifundazwe kuyoba yinto yokugcina engiyenzayo uma ngiphoqwa isimo.”