Ezemidlalo Ibhola

UJordaan uchitha eyokusingatha i-Afcon ngo-2025

Mthokozisi Mncuseni|Published

UDANNY Jordaan umengameli weSafa uyayiphika eyokufaka isicelo sokusingatha i-Afcon ka-2025 Isithombe: BACKPAGEPIX

UMENGAMELI weSouth African Football Association (Safa), uDanny Jordaan, uphika eyokuthi inhlangano isezinhlelweni zokufaka isicelo sokusingatha i-Africa Cup of Nations (Afcon), obekufanele idlalelwe eGuinea ngo-2025, kodwa yaphucwa igunya.

Kubikwa ukuthi inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, iConfederation of African Football (Caf), ayeneme ngezinga lezinkundla zakuleliya lizwe kanti nohulumeni wakhona usanda kuphumela obala ngokuthi awunayo imali yokwakha izinkundla zezinga elidingekayo.

Kusukela iCaf imemezele ngo-Okthoba ukuthi iyayephuca iGuinea, igunya lokusingatha i-Afcon ka-2025, maningi amazwe okubikwa ukuthi asezifake esigqokweni ngenhloso yokungena esikhaleni sokusingatha.

Phakathi kwamazwe okusolwa ukuthi anentshisekelo yokuthatha isikhala seGuinea, aliasali ngaphandle igama leNingizimu Afrika (Safa). Kubalwa iMorocco, i-Algeria, iZambia neNigeria okuthiwa isisifakile isicelo sokusingatha ngokuhlanganyela neBenin.

“Akulona iqiniso ukuthi sihlela ukusingatha i-Afcon ka-2025 futhi asikaze size sikusikaze lokho,” kusho uJordaan, exoxa nephephandaba ngoLwesithathu ekuseni.

ISafa igcine ukusingatha umqhudelwano we-Afcon ngo-2013 lapho kugcine kuwine iNigeria. I-Afcon edlule, ebiseCameroon, kanti inqotshwe yiSenegal. Yayingekho iBafana Bafana emqhudelwaneni ngenxa yokungaphumeleli kwayo ukuzibekisela indawo kuwona.

“Uma uzobheka kahle izinsuku okumele zibe sezifakiwe ngazo izicelo zokusingtha i-Afcon ka-2025, kuzokucacela ukuthi ukumataniswa kweSafa nokufuna igunya kuyinto engekho,” kusho umengameli ngamafuphi.

Ngokwezincomo zeCaf ngesikhathi ivulela amazwe ukuba afake izicelo ngo-Okthoba, kwabekwa uNovemba 11, 2022 njengosuku lokugcina okufanele zonke izicelo zokusingatha zibe sezifikile kwiCaf.

Abazazi kangcono ezase-Afrika, bathi umbango omkhulu uphakathi kweMorocco, Algeria neNigeria ehambisana neBenin.

Akuqali ukuthi izwe lase-Afrika, liphucwe i-Afcon njengoba kwenziwa ngo-2019, kwiCameroon. Yaphoqeleka ukuba ilungise izinkundla nezinkinga zayo nohulumeni wakhona ukuze ikwazi ukusingatha ngo-2021, njengoba kwenzekile.