UDANNY Jordaan ongumengameli weSafa uthi baqoke uMolefi Ntseki njengomqeqeshi weBafana ngoba befuna inqubekela phambili. Isithombe: Backpagepix

UMENGAMELI weSouth African Football Association (Safa) uDanny Jordaan, uchazele abadlali beBafana Bafana ngesizathu esiholele ekutheni baqoke uMolefi Ntseki njengomqeqeshi omusha weqembu.

UNtseki umenyezelwe ngesonto eledlule kulandela ukusula kobengumqeqeshi weBafana uStuart Baxter ngemuva kwe-Africa Cup of Nations (Afcon) ebingoJuni e-Egypt.

UJordaan ubekhuluma nabadlali ngoLwesibili lapho eveze ukuthi uMolefi ukhethwe ngoba befuna asebenzele kulokhu obekuqalwe uBaxter njengoba iqembu liphume kuma-quarterfinal kwi-Afcon.

Uthe bekusemqoka ukuthi iqembu lingahlakazeki njengoba efuna liye kwi-Afcon ka-2021.

Imidlalo yokuhlungela lo mqhudelwano bazoyivula neGhana ekuhambeni ngoNovemba.

“Sibonile ukuthi kusemqoka ukugcina uhlobo lwabadlali esinabo neqembu ukuze kube nenqubekela phambili. Isikhathi esiningi uma uletha umqeqeshi omusha ufika nendlela yakhe iqembu ligcine lihlakazeka. Ngakho sizitshele ukuthi sijabule ngalokhu esinakho. Sinabadlali abathembisayo. Yebo umqeqeshi angaqinisa lapho edinga khona kodwa besingafuni ozofika athi akamdingi uPercy Tau esikwatini sakhe ngoba akalona uhlobo lomdlali amdingayo bese kuthatha esinye isikhathi ukuthi iqembu lihlangane. Sibone ukuthi siqhubeke sakhele kwesinakho ukuze iqembu liye kwelinye izinga,” kuchaza uJordaan.

UNtseki ubeyiphini likaBaxter futhi uke waqeqesha emaqenjini esizwe amancane aseNingizimu Afrika.

Uthe iBafana njengoba iqede kuma-quarterfinal e-Egypt kumele yenze kahle eCameroon ngo-2021.

“Kumele sibe ngabokokuqala noma abesibili eqoqweni. Kumele sisuke ekubalweni namaqembu ayisishiyagalombili abephezulu, sinyukele kwamane noma amabili.”

Kusasa iBafana ibizodlala neMadagascar kodwa umdlalo wamiswa ngenxa yodlame olubhekiswe kwabokufika kuleli. Bekumele idlale neZambia ekuhambeni kodwa umdlalo wahoxiswa ngoba uhulumeni wakuleliya lizwe ucabangela ukuphepha kwabadlali ngenxa yalo belu udlame oluqhubeka lapha lubhekiswe kwabokufika.

UJordaan ulugxekile lolu dlame wathi lubuswa wubugebengu futhi kumele lugxekwe ngazo zonke izindlela.