AmaZulu abefike emdlalweni kulandela ukuhlulwa kwemibili edlule yeligi nokushiye izinkulumo zokuthi uJohnson angase aphelelwe yitoho uma siqhubeka isibhaxu.
Emuva komdlalo nePirates ungene ezokhuluma nabezindaba eziqhululela amahlaya kucaca ukuthi ukhululekile futhi ujabulile ngakubone kwenziwa abadlali bakhe enkundleni.
“Kube umdlalo weziwombe ezimbili. Besazi ukuthi sidlala neqembu elihle njengePirates elithandayo ukunicindezela kodwa uma ulihlala izithonto usuke uzibeke ethubeni lokuthola okuthile. Ngicabanga ukuthi esiwombeni sokuqala sibe namathuba amabili ebesingawasebenzisa. Kwesesibii ngesikhathi umdlalo uqhubeka yithina ebesinamathuba angcono. Abadlali bakhombisile ukuthi yini ebesisebenzela kuyona, wukuthi emidlalweni edlule asizange sibe nale nhlanhla esizokwazi ukwakhela kuyona.
“Sikhombisile ukuthi yini esikwazi ukuyenza futhi nabadlali bazimisela. Ngithemba ukuthi lokhu ngeke sikwenze umdlalo owodwa kodwa sizokhuphula amasokisi nakweminye imidlalo ewu-27 ezayo, sibeke amanye amaphuzu etafuleni ukuze nathi sibonakale njengeqembu lebhola. Bengingawathanda amaphuzu amathathu kodwa iphuzu nokuzimisela kuyangijabulisa,” kusho uJohnson.
Ebuzwa ukuthi ngabe useqedile yini emakethe, uncokole ngokuthi usazocela usihlalo uPatrick Sokhela amnike enye imali. AmaZulu asayinise uLehlohonolo Majoro ongadlalanga ngoLwesibili ngenxa yokulimala. Omunye umdlali omusha ngu-Andre De Jong oqokwe njengomdlali ovelele.
AmaZulu asenephuzu emidlalweni emithathu yeligi. Kolandelayo azovakashela iHighlands Park eMakhulong Stadium ngoLwesibili oluzayo ngo-7.30 ebusuku.
“Enye impi leyo esiya kuyona. Sonke siyayazi ukuthi iHighlands Park ayisilo iqembu elincane eMakhulong. Kuzomele silwe ngendlela efanayo. Inabadlali abahle, kuzomele siyihlaziye kahle,” kusho uJohnson.
Uzothola ithuba lokuyicubungula kahle iHighlands.