UCAVIN Johnson akathi vu ngokushiya isigubhukane ekubeni yiphini lomqeqeshi kwi-Al Ahly yase-Egypt Isithombe: BACKPAGEPIX
SITHEMBISO MKHIZE
AKAFUNI ukugonyuluka ngembangela emenze waqoma ukushiya phansi izizumbulu abezihola kwi-Al Ahly yase-Egypt, umqeqeshi, uCavin Johnson, okumanje ujika nelanga ekhaya.
Kuqhilike izidlathi kulo mqeqeshi ngo-Okthoba ngo-2020, eqokwa uPitso "Jingles" Mosimane njengelinye lamaphini akhe ngesikhathi eqashwa kumaRed Devils.
UMosimane uphinde wathatha uKabelo Rangoaga ovocavoca abadlali, noMusi Matlaba noKayle Solomons abangabahlaziyi.
Kulesi sikhashana, uJohnson ekwi-Al Ahly, unqobe noMosimane iCaf Champions League amahlandla amabili, yaqeda endaweni yesithathu kwiFifa Club World Club.
Ngasekupheleni konyaka odlule kumangale wonke umuntu uJohnson owake wacija amaqembu afana neSuperSport United, AmaZulu, Platinum Stars, etheleka kuleli, eveza nokuthi ligqashukile ifindo lomshado phakathi kwakhe ne-Al Ahly.
Ebuzwa Isolezwe ngembangela yokushiya kwakhe i-Al Ahly, uthe: "Kangixoshwanga kwi-Al Ahly, kwafika isikhathi sokuthatha isinqumo esinzima empilweni yami. Isehlukaniso kwesinye isikhathi yinto ongeke uyibalekele.Ngeshwa ngeke ngikwazi ukudalula isizathu esaholela kulesi sahlukaniso. Ngeke ngiqambe amanga, ngaba nesikhathi esimnandi kwi-Al Ahly. Iyiqembu eliphethwe ngendlela esezingeni eliphezulu. Angisoze ngasikhohlwa isikhathi engisisebenza kuyo.“
Lo mqeqeshi owake wayibamba nakwiSafa School of Excellence eminyakeni edlule, uveze ukuthi, kusemnyama, akanamsebenzi.
"Ngisekhaya ngihleli nomndeni wami. Ngibuka ibhola, ngibuka abanye abaqeqeshi benza imisebenzi yabo. Ngiyazifaka izicelo zomsebenzi kodwa kusathule. Amaqembu anabaqeqeshi bawo, kawakafuni ukuqasha okwamanje. Impilo yebhola injalo, kuzolunga maduze. Akukho okudlula ukubekezela," kubeka uJohnson.
Echaza ngomehluko wesitayela sebhola samazwe aseNingizimu ne-Afrika naphezulu, uthe:"Izwe nezwe laphaya phezulu linesitayela salo. Okufanayo ngawo nokusihlukanisa nala mazwe ukuthi wona ibhola ligijima emithanjeni yegazi kubadlali, kubaphathi nakubalandeli. Bafuna ukudlala ngaso sonke isikhathi. Abanandaba nokuthi badlala nobani.“
UJohnson wathathwa uMosimane eqeda kuhlukana neBlack Leopards. Nalapha wenqaba ukuveza isizathu esimenze walishiya leli qembu. Ngemuva kokuhlukana nalo kwavela imibiko ethi uke wahlaselwa isifo senhliziyo.