KUNGENZEKA injini yeMamelodi Sundowns, u-Andile Jali, iphume iqiqingile emcimbini wokuklomelisa abadlali abavelele kwiPremier Soccer League (PSL) ngesizini ka-2021/22.
Lo mdlali, oneminyaka engu-32 ubudala, ufakwe eminxeni emihlanu ngesikhathi iPSL ikhipha uhlu oluphelele lwabaqokiwe ngoLwesine ntambama.
Usethubeni lokuthatha indondo yeMTN 8 Last Man Standing, iNedbank Cup Player of the Tournament, Midfielder of the Season, Player's Player of the Season kanjalo neFootballer of the Season kulo mcimbi ozoba ngoMeyi 29.
Igama likaJali ihamba phambili ohlwini, lisanda kuba sematheni ngemuva kokuba eshaywe ngesithende eqenjini lesizwe, iBafana Bafana, elizodlala eyokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoJuni. NgoMsombuluko umqeqeshi weBafana umemezele abadlali azoqoka kubona abazogcina bakhe isikwati esizodlala, igama likaJali belingabonwa lapho.
Abanye abadlali abaqokwe eminxeni eminingi ngozakwabo bakaJali kwiSundowns, uThemba Zwane noPeter Shalulile, azophinde abange nabo kwiPlayer’s Player of the Season.
Ompetha beDStv Premiership bayavela eminxeni eminingi njengoba nabaqeqeshi babo, uManqoba Mngqithi noRhulani Mokwena, besethubeni lokuthatha umklomelo womqeqeshi ovelele, abawubanga nomqeqeshi weCape Town City, u-Eric Tinkler, noweRoyal AM, uJohn Maduka.
UKeegan Allan noLuvuyo Phewa be-University of Pretoria noMfundo Thikazi weRoyal AM bazobanga iNedbank Cup Most Promising Player of the Tournament. UBoitumelo Radiopane we-Orlando Pirates noMduduzi Shabalala weKaizer Chiefs yibona abaqokelwe iDStv Diski Challenge Player Player of the Season.
Abaqeqeshi bamaqembu agijima kwiDStv Premiership yibona abavotile emunxeni weFootballer of the Season. Iqembu ngalinye belinevoti elilodwa kanti abaqeqeshi bebengavunyelwe ukuqoka noma ukuvotela abadlali abasemaqenjini abo.
Kusetshenziswe umthetho ofanayo nasekukhetheni iDStv Diski Challenge Player of the Season, lapho bekuvota khona abaqeqeshi abayibambe kule ligi.
Ukuvotelwa kweDStv Premiership Player’s Player of the Season kwenziwe ngabadlali bamaqembu agijima esigabeni esiphezulu. Iqembu ngalinye belivunyelwe ukuvotisa abadlali abangeqile ku-30 futhi bebengavunyelwe ukuvotela ozakwabo.
I-DStv Premiership Goal of the Season izovotelwa wumphakathi okufanele ukhethe phakathi kwamagoli anqobe indondo yeGoal of the Month selokhu kuqale isizini.
Ukuvota kuzoqala uma sekudlalwe yonke imidlalo yeDStv Premiership kwi- www.psl.co.za.
Kwezinye izigaba bekukhetha ithimba elihlanganise izintatheli zebhola, abahlaziyi nabasakazi.
Uhlu oluphelele lwabaqokelwe kumaPSL Awards ka-2021/22:
MTN 8 Last Man Standing: Andile Jali (Mamelodi Sundowns), Surprise Ralani (Cape Town City), Peter Shalulile (Mamelodi Sundowns).
Nedbank Cup Most Promising Player: Keegan Allan (University of Pretoria), Luvuyo Phewa (University of Pretoria), Mthundo Thikazi (Royal AM).
Nedbank Cup Player of the Tournament: Andile Jali (Mamelodi Sundowns), Aubrey Modiba (Mamelodi Sundowns), King Ndlovu (Marumo Gallants).
DStv Diski Challenge Player of the Season: Mduduzi Shabalala (Kaizer Chiefs), Boitumelo Radiopane (Orlando Pirates).
DStv Premiership Goalkeeper of the Season: Hugo Marques (Cape Town City), Toaster Nsabata (Sekhukhune United), Veli Mothwa (AmaZulu).
DStv Premiership Defender of the Season: Grant Kekana (Mamelodi Sundowns), Lyle Lakay (Mamelodi Sundowns), Thamsanqa Mkhize (Cape Town City).
DStv Premiership Midfielder of the Season: Andile Jali (Mamelodi Sundowns), Mduduzi Mdantsane (Cape Town City), Themba Zwane (Mamelodi Sundowns).
DStv Premiership Young Player of the Season: Athenkosi Mcaba (Stellenbosch FC), Kwame Peprah (Orlando Pirates), Luke Fleurs (SuperSport United).
DStv Premiership Player’s Player of the Season; Andlie Jali (MS), Peter Shalulile (Mamelodi Sundowns), Themba Zwane (Mamelodi Sundowns).
DStv Premiership Coach of the Season: John Maduka (Royal AM), Manqoba Mngqithi/ Rhulani Mokwena (Mamelodi), Erick Tinkler (Cape Town City).
Footballer of the Season: Andile Jali (Mamelodi Sundowns), Peter Shalulile (Mamelodi Sundowns), Victor Letsoalo (Royal AM).