UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uGavin Hunt, uzwakala esephelelwe ngamaqhinga okulungisa udonga lwasemuva oluvuzisa amagoli kule sizini.
IChiefs iphinde yajabhisa abalandeli bayo ngoMgqibelo koweDStv Premiership idlala ngokulingana ngo 2-2 neBloemfontein Celtic ekubeni ibikade isihamba phambili ngo 2-0. Ukungenelwa ngamagoli kweChiefs, ikakhulukazi ngenxa yamaphutha, yisifo esihlasele leli qembu kusukela efika uHunt ekuqaleni kwesizini. Ubelokhu ekhala ngaso ethi uyaselapha. Maphakathi nesonto eledlule, iChiefs ihlulwe ngo 1-0 emuva kwephutha elenziwe ngu-Erick Mathoho umdlalo usuyophela. Amakhosi, asendaweni yesishiyagalolunye kwi-log yePremiership, asengenelwe ngamagoli angu-30 emidlalweni engu-25.
"Sidlale kahle. Sidlale kahle futhi nangoLwesithathu sihlulwa ngo 1-0. Sidlale kahle nanamuhla kodwa kwavuka isifo sethu esidala sokuhluleka ukumaka. Ngihlale ngithi ngeke uwine lutho ngaphandle kokuvala emuva. Ukumaka kuqala phambili," kusho uHunt.
"Sihlaselwe yishwa isizini yonke. Senze izinguquko eziphoqelekile esiwombeni sokuqala nesesibili. Ebholeni kwesinye isikhathi lokho kuyakuphazamisa. Sakhe amathuba anele ukuwina umdlalo. Kodwa awukwazi ukushaya amagoli amabili ekuhambeni kodwa udlale ngokulingana. Kufanele wenze kangcono emuva."
Kusasa, iChiefs izovakashela iTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) emdlalweni wePremiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngo-5 ntambama. Akubuzwa ukuthi kulo mdlalo uHunt uzolindela okuhlukile kubadlali bakhe. Bazobhekana neTTM elengela engozini yezembe ngasemsileni we-log. Ukuwina kweChippa United nokuhlulwa yiBlack Leopards, kuyishovele endaweni ka-15 iTTM.
UHunt uthe akakhali ngezinga lokuzinikela kwabadlali.
"Sidlala ibhola elihle. Ngeneme ngabadlali, banginika konke. Uma benganginiki konke lokho kungasho inkinga. Banginika konke, masonto wonke. Bayazana, basebenza kanzima. Yilokho okubaluleke kakhulu ebholeni," kusho uHunt.