UQINE idolo umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt, kubuya izethenjwa ngaphambi komdlalo obalulekile weCaf Champions League ngempelasonto.
IChiefs, edlale ngokulingana ngo-2-2 neStellenbosch koweDStv Premiership ngoLwesibili, isethubeni lokuqopha umlando wokungena kuma-quarterfinal eChampions League okokuqala selokhu yasungulwa.
Amakhosi kufanele ehlule iHoroya AC yaseGuinea ekuhambeni emdlalweni wokugcina wamaqoqo kaGroup C ngoMgqibelo. La maqembu ayalingana ngamaphuzu ayisishiyagalombili endaweni yesibili kuleli qoqo eliholwa yiWydad Casablanca yaseMorocco esivele idlulele kuma-quarterfinal.
Amakhosi azodlala ngaphandle komgadli uSamir Nurkovic nonozinti uDaniel Akpeyi abathole amakhadi abomvu koweWydad ngempelasonto edlule.
UHunt uzothembela kuLeonardo Castro, ongene washaya igoli ngoLwesibili, noKhama Billiat abaphuma ekulimaleni. Laba bagadli ubafakile esiwombeni sesibili koweStellies.
"Kuhle ukuthi sebebuyile. Ngesonto eledlule nasemdlalweni wabakhaya angikwazanga ukushintsha. Bekungekho muntu ebhentshini engingamfaka. Manje sekukhona okhona engingamfaka odlala leya ndawo. Bengifuna ukubanika isikhathi eside kodwa bathole imizuzu engu-20 nangaphezudlwana. Kufanele bawulungele uMgqibelo. Emuva kwemizuzu embalwa bengenile enkundleni bekubonakala ukuthi selokhu bagcina ukudlala ngoMashi 19 okungamasonto amathathu. Bekubonakala ukuthi ababukhali kodwa ngokuhamba kwesikhathi bakhombise ukubangcono, bawuqeda kahle umdlalo," kusho uHunt.
Akubuzwa ukuthi ukudlulela kuma-quarfinal kweChiefs kungabathoba izinhliziyo abalandeli bayo kwazise izinto aziyihambeli kahle emidlalweni yeligi. UHunt uhlalelwe wumsebenzi wokuqinisa iqembu ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.
Kule sizini, iChiefs ibingavunyelwe ukusayinisa abadlali abasha ngenxa yegwebo seFifa, eyasithola ngokusayinisa u-Andriamirado “Dax” Andrianarimanana ngo-2018.
Umdlali eziqinayo izinkulumo zokuthi uzobe ekwiChiefs ngesizini ezayo, uPhathutshedzo Nange weStellenbosch. UNange ushaye igoli koweChiefs kodwa akangajabula. Lesi senzo abaningi basitolike ngokuthi yingoba elibhekise eNaturena ngesizini ezayo. UNange udlale ngaphansi kukaHunt kwiBidvest Wits.
"Ngiyazi ukuthi kufanele ngiphendule ngithini kodwa ngeke ngiphendule. Ngiyakwazi okufanele ngikukhulume nokungafanele. Ungumfana omuhle, sisuka kude naye," kusho uHunt.