UKHALA ngamaphutha abadlali basemuva umqeqeshi weKaizer Chiefs uGavin Hunt kulandela ukudlala ngokulingana neStellenbosch FC emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngoLwesibili.
IChiefs kudingeke ukuthi ibhukule ukuze ibuye nephuzu emdlalweni ovulwe yigoli likaNathan Sinkala weStellenbosch ngomzuzu ka-72. IChiefs ifake umfutho ngemuva kwemizuzu emihlanu uLeonardo Castro washaya elokulinganisa ngaphambi kokuthi uPhathutshedzo Nange ashaye elesibili leStellies ngomzuzu ka-80. Umnyakazo omuhle wabafana basePhefeni ukhiqize igoli elihle likaNkosingiphile Ngcobo ngomzuzu ka-85, umdlalo waphela ngo 2-2.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uHunt uzwakalise ukuphoxeka ngokuvuleka kweqembu lakhe emuva ngokunjalo namagoli abawadedelile.
“Yinkinga esibhekene nayo kule sizini (ukungenelwa amagoli kalula emuva), isiphinde yasishaya nanamhlanje (ngoLwesibili) ngakho ngiphoxekile. Besinganawo umfutho kwezinye izikhathi kodwa abadlali bagcine bewutholile umgqigqo. Igoli lesibili lisiphazamisile. Ngiphoxekile ngalo mphumela ngoba bengizitshela ukuthi bangenza kangcono,” kusho uHunt.
Lo mqeqeshi ugxeke ukuvuleka kweqembu lakhe wathi bekumele likugweme lokho ngoba iStellies siyingozi emdlalweni ovulekile kwazise sinabadlali abanejubane phambili.
Abaningi abebebuka lo mdlalo bakuqaphelile ukuthi uNange, owayengumdlali weBidvet Wits, akalijabulelanga igoli lakhe, nokuphakamise imibuzo ngekusasa lakhe kwiStellies kwazise uke wamataniswa neChiefs, kodwa wagcina engayijoyinanga kule sizini ngenxa yesigwebo seFIFA.
Ephendula imibuzo ngalo mdlali uHunt uthe: “Ngiyazi ngingawuphendula kanjani lo mbuzo kodwa ngeke ngiwuphendule. Ngiyazi engikwazi ukuphumela obala ngakho nengingakwazi ukukhuluma ngakho kodwa yena uwumfana olungile futhi sisuka kude naye.”
UHunt ubeqeqesha uNange phambilini kwiWits. IChiefs izobhekisa amabombo eGuinea kuleli sonto ngaphambi komdlalo weCAF Champions League neHoroya AC ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku.