UBALISA ngobuthuntu babagadli bakhe umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt, ezakhe ezizibeke ethubeni lokudlulela phambili ziwina ekuhambeni koweCAF Champions League ngempelasonto edlule.
IChiefs ihlule iPWD Bamenda yaseCameroon ngo 1-0 wegoli lesitobha u-Erick Mathoho. Amaqembu azophinda kowomlenze wesibili ngoLwesihlanu eFNB Stadium, eGauteng. Iqembu elizowina lizobhekana nePremeiro Agosto yase-Angola, kusahlungelwa amaqoqo omqhudelwano.
Nakuba ukuwina kweChiefs ekuhambeni kuyinika ithuba lokudlulela esigabeni esilandelayo kodwa kusafanele izibambe ziqine. UHunt uthe kowomlenze wesibili kufanele bashaye amanye amagoli kodwa benenkinga yokushaya inethi phezu kokuba eshaya ngabagadli abaphezulu.
“Kubalulekile ukuthi sishaye amanye amagoli ambalwa. Ngicabanga ukuthi yilokho esishoda ngakho. Sinabo abagadli abasezingeni eliphezulu kodwa abakawashayi amagoli. Lokho kuyinkinga. Kodwa okubalulekile wukuthi sishaye igoli lasekuhambeni, asikwazi ukuzithela ngabandayo. Sisadlala isiwombe esisodwa. Kufanele sidlale umdlalo wonke. Bayiqembu eliqinile elisebenzisa amandla. Kodwa ngithemba ukuthi sinakho okwanele okuzokwenza izinto zibe lula uma sesidlalela eJohannesburg,” kusho uHunt.
Selokhu kuqale isizini ka-2020/2021 iChiefs isashaye amagoli ayisithupha kuphela. Amabili kwiMTN 8 ashaywe ngumdlali wasemuva uYogan Sasman, amathathu kweyeligi kube wumkhonto ogwaze ekhaya bedlala neChippa kwathi amabili ashaywa nguLeonardo Castro bedlala ngokulingana neLamontville Golden Arrows. Elika Mathoho elesithupha.
Amakhosi azodinga uCastro, Bernard Parker, Lazalous Kambole, Khama Billiat bashaye inethi ukuze enze okungcono kule sizini.
UHunt uyithakasele indlela abadlale ngayo ekuhambeni. Unozinti u-Itumeleng Khune uvimbe iphenathi eCameroon.
“Ngaphansi kwezimo ezinzima ngicabanga ukuthi sithole umphumela omuhle kakhulu. Ukuhamba sifike lapha bekunzima. Ngakho ngicabanga ukuthi senze kahle kakhulu. Besingenza umsebenzi kusenesikhathi bese sidlala ngokukhululeka. Sithole inqwaba yamathuba, sangawashaya amagoli. Kade sengicabanga ukuthi kuyasiphinda futhi lokho. Sishaye igoli emuva kwalokho sazi ukuthi zizolandela izinkinga. Ngenhlanhla sishaye igoli isikhathi sesihambile. Iphenathi abayitholile ibingafanele. Kodwa abadlali ngibatshelile ukuthi uma singashaya igoli zizoqala izinkinga,” kusho uHunt.