UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uGavin Hunt, ugabe ngesipiliyoni sakhe seminyaka engu-30 enza lo msebenzi, ngakho akakhathazekile kakhulu ngezakhe ngaphambi komdlalo obhekwe ngabomvu wama-quarter final kwiMTN 8.
Amakhosi azotholana neMaritzburg United ngeSonto, ngo-3 ntambama, eFNB Stadium, eNasrec eGoli. Zimbili izinto ezikhathaza abalandeli beChiefs ngaphambi kwalo mdlalo.
Okokuqala wukuthi iqembu liya kulo mdlalo ngaphandle kwabadlali abane, abayizethenjwa. UWillard Katsande noLebogang Manyama ngeke badlale neMaritzburg ngenxa yamakhadi aphuzi amane abanawo. Umgadli waleli qembu oziphendule isithandwa kubalandeli evalela amagoli angu-13, emidlalweni yeligi engu-25, uSamir Nurkovic ngeke adlale ngoba usanda kuhlinzwa ngenxa yokulimala.
Omunye umdlali ozobe engekho * -Eric Mathoho, naye okuvela ukuthi ulimele. Okwesibili okungakhathaza abalandeli baMakhosi ukuthi iqembu abazodlala nalo, iMaritzburg, selibaphuze inyongo, liyazenzela kubona.
Liqale labakhipha kowandulela amanqamu kwiTelkom Knockout nyakenye, libashaya ngo 2-1 eMbombela Stadium. Liphinde labehlula nasemdlalweni wePremiership, libashaya ngomphumela ofanayo. Yize lezi kuyizizathu ezibambekayo, kulabo okuzwelayo nxa Amakhosi ehluliwe, uHunt utshele izintatheli izolo ukuthi uyazethemba ezakhe.
“Sengineminyaka engaphezu kuka-30 ngenza lo msebenzi, ngakho ngikuqonda kahle ukuthi uma kuqala isizini kuba khona umqhudelwano iMTN8. Leli yithuba lokuthi sidlale imidlalo eminingi (uma sinqoba kwiMaritzburg), ukuze singene kahle egiyeni. IMaritzburg iza lapha kithina, ngokuzethemba imisila iphezulu. Siyazi sonke ukuthi basenzeni ngesizini edlule. Okunye okubalulekile ngabo ukuthi kunozinzo ngoba kusengumqeqeshi ofanayo, kanti nesikwati asikaguquki kakhulu. Kuzoba umdlalo onzima kodwa kubalulekile ukwenza noma yini ukudlulela emzuliswaneni olandelayo,” kusho uHunt izolo.
Ebuzwa ngesimo sabadlali bakhe ngaphambi kwalo mdlalo, uthe ujabule kakhulu ngakubonile kuze kube manje.
“Empeleni ngithukile ngendlela abakhombisa ukuzinikela ngay. Sidlale imidlalo yobungani emine, kwabakhona lapho ngijabula khona futhi kukhona lapho engifuna silungise khona. Asisitholanga kahle isikhathi esanele sokulingisa iqembu kodwa sijabule ngesikwenzile. Osekubalulekile manje ukuthi sithole umdlalo wethu wokuqala osemthethweni bese siyakhula isizini uma iqhubeka. Wonke umqeqeshi unendlela asebenza ngayo, ngakho ngisazama ukuthi abadlali baqonde eyami indlela yokusebenza,” kubeka uHunt.
Imidlalo yeMTN 8 ngempelasonto:
Kusasa: Tshakhuma FC v SuperSport United (3pm, Thohoyandou); Orlando Pirates v Cape Town City (6pm, Orlando Stadium).
NgeSonto: Kaizer Chiefs v Maritzburg United (3pm, FNB Stadium); Mamelodi Sundowns v Bloemfontein Celtic (6pm, Lucas Moripe Stadium).