UKAPUTENI weBafana Bafana, uThulani “Tyson” Hlatshwayo, ufuna bakugweme ukuzifaka ingcindezi yokudlala umdlalo wokugcina besadinga amaphuzu okungena kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).
IBafana izodlala neSao Tome and Principe’ emidlalweni emibili ezolandelana eduze yokuhlungela i-Afcon. Owokuqala uzoba ngoLwesihlanu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-9 ebusuku.
Owesibili uzoba ngoMsombuluko eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi, ngo-3 ntambama. IBafana isendaweni yesibili ngamaphuzu amathathu emuva kwemidlalo emibili kuGroup C. IGhana ihlezi esicongweni ngamaphuzu ayisithupha emuva kwemidlalo emibili.
Emidlalweni emibili yokugcina, iBafana izobhekana neGhana neSudan.
“Kubalulekile kithina ukuthi sithole amaphuzu ayisithupha kwiSao Tome. Ithimba labaqeqeshi lilihlaziye kahle leli qembu. Siyakwazi okufanele sikulindele,” kusho uHlatshwayo.
“Akufanele siyeke izinto kuze kube wumdlalo wokugcina njengoba senza kwiLibya. Kufanele siqoqe amaphuzu ayisithupha.
“Njengoba sizodlala neSao Tome ekhaya yomibili imilenze, sivunwa yizinto. Kusuka lapha kufanele sithole amaphuzu ayisithupha ukuze singene kwi-Afcon. Akufanele sidlale neSudan sisadinga amaphuzu.”
IBafana izodlala imidlalo yokuhlunga nje, ishaye udaka emidlalweni emibili yokuzicija. Ibanjwe yiNamibia ngo 1-1, yahlulwa yiZambia ngo 2-1.
Lokhu kuqubule imibuzo ngezinga leqembu nomqeqeshi uMolefi Ntseki onyamanambana kwabaningi. Kulokhu uNtseki ubuyise zonke izethenjwa zakhe nabadlali asebeke bayidlala i-Afcon okukhona kubona uDean Furman no-Itumeleng Khune.
“Siyazi ukuthi kubaluleke kanjani ukuwina le midlalo yomibili. Ngicabanga ukuthi imidlalo esiyidlale neNamibia neZambia isikhombisile ukuthi kufanele sivuke emaqandeni ngenxa yemiphumela esiyitholile” kusho uHlatshwayo.
“Asijabulanga ngayo. Kodwa kufanele sisebenzele phezu kokuhle esiphume nakho kule midlalo, silungise esingakwenzanga kahle,.”