UMDLALI wasemuva weBafana Bafana, uSifiso Hlanti, uthi uyakholelwa kubadlali abancane ababizwe umqeqeshi welesizwe, uHugo Broos, futhi ubona beyilandela yonke imiyalelo yomqeqeshi
UHlanti (31) weKaizer Chiefs ngomunye wabadlali beBafana abasale ngaphandle ngesikhathi kufika uBroos olibeke ngembaba elokuthi akawafuni 'amakhehla' eqenjini lesizwe.
Nokho lo mqeqeshi umbuyisile njengoba iBafana izicijela ukudlala ne-Ethiopia imidlalo emibili elandelana eduze yokuhlungela iNdebe yoMhlaba eseQatar ngonyaka ozayo.
Owokuqala uzoba seBahir Dar Stadium, e-Ethiopia, kusasa ngo-3 ntambama. Owesibili uzoba ngoLwesibili eFNB Stadium, eNasrec, ngo-6 ntambama.
"Ngiyajabula futhi ngizwa ngihloniphekile ukuphinda ngibizelwe esikwatini. Ngenxa yokuthi nginesikhathi eside ngisebholeni futhi sengibuyele eqenjini lesizwe, ngizodlulisela kubadlali abasebancane isipiliyoni sami nezinto ezinhle esengidlule kuzona ebholeni. Ngakho angizile lapha ukuzophumula kodwa ngizobanika lokhu engikwaziyo nesengikufundile ebholeni. Ukukhuthazeka nendlela obheka ngayo izinto yikhona okuwumhlahlandlela. Ngiyabahlonipha (abadlali abasebancane) ngoba uma ubuka emidlalweni edlule abayidlalile, badlale ibhola elihle. Kubukeka sengathi benza izinto ngendlela umqeqeshi afuna ngayo. Kuyinto enhle," kusho uHlanti.
IBafana, efulathele elakuleli izolo, iseqhulwini kuGroup G ngamaphuzu amane.
Idlale ngokulingana neZimbabwe emdlalweni wokuqala, yehlula iGhana kowesibili. Angu-10 amaqoqo amazwe ase-Afrika abanga izikhala eziyisihlanu koweNdebe yoMhlaba. Amaqembu angu-10 azoqeda ehlezi phezulu emaqoqweni azoqhuthana ekhaya nasekuhambeni ngoMashi ukuze kuphume ayisihlanu azoya eQatar.
"Kusezandleni zethu singabadlali ukuthi siyibamba kanjani njengoba sikade silulindile lolu suku kusukela kuqale ikhempu. Abafana babukeka bebukhali. Ngakho kusezandleni zethu ukukhombisa esikwaziyo ukuze izinto zizohamba ngokohlelo lwethu nakuba kuzoba nzima. Ukudlala e-Afrika kuhlala kunzima kodwa sinalo ithemba," kusho uHlanti.
"Okubaluleke kakhulu wukungazikhathazi kakhulu ngeqembu ozodlala nalo. Kodwa nabo bayiqembu elihle, bayakwazi ukudlala, bayiqembu eliqinile futhi bafuna ukwenza izinto zenzeke. Ngakho kusezandleni zethu. Akufanele sesabe ukubhekana nezinselelo. Yilokho okubaluleke kakhulu."
I-Ethiopia inamaphuzu amathathu emidlalweni yokuhlunga ngemuva kokuhlula iZimbabwe, yahlulwa yiGhana emidlalweni yokuqala yokuhlunga.