AKAGXILANGA efomini yakamuva umqeqeshi weBafana Bafana, uMolefi Ntseki, ngesikhathi ethula iqembu elizodlala neGhana neSudan emidlalweni emibili yokugcina kweyokuhlungela i-2022 Caf AfricaCup of Nations (Afcon).
Lesi sikwati sabadlali abangu-26, uNtseki usethule ngoLwesine emini eSafa House, eSoweto.
Bane kuphela abadlali abasha kulesi sikwati sikaNtseki. Labo nguVeli Mothwa (unozinti waMaZulu), uCraig Martin (ogijima ezinhlangothini kwiCape Town City), uSipho Mbule (oyibamba esiswini seSuperSport United) noBen Motshwari (odlala enkabeni kwi-Orlando Pirates).
Ngenxa yefomu enhle kulezi nsuku, iningi belibhekile ukuthi uNtseki ababize abadlali abanjengoNjabulo Ngcobo oyisitobha seSwallows, Mduduzi Mdantsane weCape Town City cishe ngo-Amigo Memela waMaZulu.
UNtseki ugxile kakhulu emaveni okudlala kwelesizwe nakwiCaf kwazise ubuyise nabadlali abanjengoRuzaigh Gamildien weSwallows, Siyanda Xulu weHaopel Tel Aviv yakwa-Israel, Rivaldo Coetzee weMamelodi Sundowns noThulani Serero odlala kwa-Israel.
IBafana izosingatha iGhana eFNB Stadium, eSoweto ngoMashi 25 bese ilibangisa eSudan emdlalweni ongoMashi 28.
Ibambene neGhana ngamaphuzu ayisishiyagalolunye kodwa isendaweni yesibili ngenxa yokushaya amagoli amancane.
ISudan esendaweni yesithathu nayo isenalo ithuba lokubalwa emaqenjini amabili azoya kwi-Afcon eCameroon ngonyaka ozayo.
I-Afcon ihlehliswe ngonyaka ngenxa yokubheduka kweCovid-19 emhlabeni. Kumqoka ukuya kweBafana kwi-Afcon kwazise ngonyaka ozayo izobe imincane kakhulu imidlalo yobungani ngenxa ye-2022 Fifa World Cup nayo edlalwayo ngoJuni eQatar.
Nantu uhla lwabadlali ababizwe nguNtseki:
Onozinti:
Veli Mothwa (Amazulu FC)
Ronwen Williams (Supersport United FC)
Itumeleng Khune (Kaizer Chiefs FC)
Emuva:
Thibang Phete (OS Belenenses, Portugal)
Siyanda Xulu (Haopel Tel Aviv, Israel)
Thulani Hlatshwayo (Orlando Pirates FC)
Mosa Lebusa (Mamelodi Sundowns FC)
Innocent Maela (Orlando Pirates FC)
Sifiso Hlanti (Moroka Swallows FC)
Thapelo Morena (Mamelodi Sundowns FC)
Craig Martin (Cape Town City FC)
Esiswini:
Rivaldo Coetzee (Mamelodi Sundowns FC)
Themba Zwane (Mamelodi Sundowns FC)
Thulani Serero (Al Jazira FC, Abu Dhabi)
Ben Motshwari (Orlando Pirates FC)
Bongani Zungu (Rangers FC, Scotland)
Keagan Dolly (Montpellier FC, France)
Percy Tau (Brighton and Hove Albion, England)
Sipho Mbule (Supersport United FC)
Andile Jali (Mamelodi Sundowns FC)
Luther Singh (Paços de Ferreira Portugal)
Dean Furman (Carlisle United FC, England)
Abagadli:
Kermit Erasmus (Mamelodi Sundowns FC)
Bradley Grobler (Supersport United FC)
Ruzaigh Gamildien (Swallows FC)
Lyle Foster (Victoria Guimaraes, Portugal).