UPEP Guardiola uthi iManchester City ifuna ukwenza iReal Madrid idlale owayo (iCity) umdlalo uma sebehlangana emlenzeni wesibili welast 16 naneli qembu eselibe ngompetha be-Uefa Champions League ka-13.
La maqembu ahlangana e-Etihad Stadium, eManchester namuhla ngo-9 ebusuku.
ICity inqobe ngo 2-1 emlenzeni wokuqala eMadrid ngoFebhuwari ngaphambi kokuthi kumiwe ngenxa yokubheduka kweCovid-19.
ICity kulindelwe idlalele ukuvala isibhobo inqobe iChampions League okokuqala ngemuva kokuphucwa isicoco sePremier League yiLiverpool.
“Sifuna ukudlala owethu umdlalo,” kusho umqeqeshi weCity kwabezindaba ngoLwesine.
“Sifuna kudlalwe esethu isitayela kulo mdlalo, ngabe siyamaka noma noma siyazuma noma ngabe yiyo iMadrid ezumayo.
“Esifuna ukukwenza wukuthatha umdlalo siwuyise emakhoneni ahlukene enkundla lapho singalimaza khona iReal Madrid, ngendlela yokuthi sikwazi ukuveza ubuyoninco babadlali bethu.”
Wengeze ngokuthi: “Ngibe nawo umuzwa namuhla wokuthi sikulungele ukudlala futhi sidlale kahle sinqobe nomdlalo,” kusho yena. “Yilowo umuzwa, sikulungele.”
Nokho uGuardiola uxwayise ngokuthi kumqoka ukuthi iqembu lakhe livike ukwenza amaphutha ekumakeni kwalo nokuyinto ebalimaze kakhulu.
“Ngaphandle kokungenelwa amagoli, yindlela asingenela ngayo,” kusho yena.
“Uma benza kahle kufanele sikuvume lokho.
“Inkinga wukuthi amaningi alawo magoli besingawavika. Kufanele siwavike.”