KUYAMKHUTHAZA unozinti we-Orlando Pirates, uRichard Ofori ukuthi ukuzokwesekwa ngumndeni nabangani bakhe emdlalweni wamanqamu eCaf Confederation Cup.
Kusasa ngo-9 ebusuku, eZimnyama zizobhekana neRSB Berkane yaseMorocco, kowamanqamu ozodlalelwa enkundleni engavuni qembu iGodwill Akpabio Stadium, eNigeria.
Kowandulela owamanqamu iPirates idlule ngo-2-1 kwi-Al-Ahly Tripoli yaseLibya, kwathi iBerkane yashaya iTP Mazembe yaseCongo ngo-4-2.
U-Ofori odabuka eGhana, engumakhelwane weNigeria entshonalanga ne-Afrika, uveze ukuthi umndeni wakhe nabangani bazotheleka ngobuningi babo enkundleni bezozibonela ngamehlo eyibambile kowamanqamu weCaf.
Okunye okuqinisa eZimnyama idolo ngokuthola ukwesekwa enkundleni, wukuthi isitobha sazo u-Olisa Ndah, besigijima kule nkundla eminyakeni edlule ngoba sidabuka khona eNigeria
Eqenjini leBucs, kukhona noKwame Peprah odabuka eGhana.
Nakuba u-Ofori wanqoba isicoco seligi ngo-2016 neseGhana Super Cup ngesikhathi esadlala ngakubo, waphakamisa eseMTN8 nePirates, kodwa uthe sisekhona isikhala sokungabi nendondo yegolide yeCaf.
"Okungithokozisa kakhulu ukuthi amanye amalungu omndeni wami nabangani bazosuka eGhana, bayongiseka eNigeria. Kuthatha imizuzu ewu-30 kuya kwewu-45 ukusuka ngasekhaya uya lapho sizodlalela khona eNigeria. Umndeni nabangani bami benza lokhu ngoba kuzobe kungokokuqala ngidlala kowamanqamu eCaf.
"Mayelana nokuthi mina nabanye ozakwethu sisuka emazweni eseNtshonalanga, lokho akushintshi lutho. Kuzobe kuyinkundla efana nezinye. Kumele sibe neqhinga esizonqoba ngalo umdlalo,“ kusho u-Ofori.
Uqhube wathi:" Kube uhambo olube nzima. Akukho lula ukuhamba amahora awu-14 noma awu-15 usazodlala. Nesikhathi sokuphumula besingasitholi. Ngiyazi izinto kwiligi azihambanga njengokufisa kwethu kodwa okuwumthobanhliziyo ukuthi sikwazile ukufinyelela kowamanqamu.“
Uthe kusemqoka kubona ukuthi bayiphakamise le ndebe. “Ejimini sisodwa singabadlali sixoxa kakhulu ngokubaluleka kokunqoba lo mdlalo. Eminyakeni ezayo kasizokukhunjulwa ngokufinyelela kowamanqamu. Uma ngingaphosisi iPirates seyifinyelele kabili emidlalweni yamanqamu yeCaf (kumasizini edlule) kodwa ayanganqoba. Isizukulwane esikhunjulwa namanje yileso esabuya nenkomishi. Kubalulekile ukunqoba inkomishi.”
NgoSepthemba wanyakenye unozinti ube nebhadi lokulimala ngesikhathi izwe lakhe lidlala nelakuleli. Ubuye ngoMashi waqhwaga amapali, iPirates imaphakathi nemidlalo yamaqoqo yeConfederation Cup. Usevimbe eyisikhombisa.
IBerkane eteketiswa ngeThe Oranges Boys, ingompetha beConfederation Cup yango-2019/20.
Ngo-2018/19 yehlulwa kowamanqamu yiZamalek yase-Egypt. IPirates ayikaze iwunqobe lo mqhudelwano. Ngo-2015 yehlulwa kowamanqamu ngo-2-1, yi-Etoile du Sahel yaseTunisia