SITHEMBISO MKHIZE
INHLOKO yabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, uManqoba "TV" Mngqithi, igezeke ubebebe ngenkathi abadlali obese kunesikhathi eside ikhononda ngabo, beshaya amagoli. Lokhu kwenzeke ngenkathi ezakhe zibhaxabula iTshakhuma FC ngo-3-1 koweDStv Premiership ePeter Mokaba Stadium, ngoLwesibili.
UMngqithi ubancome ngokungaphezi abadlali abashaye amagoli okuqala okunguSiphelele "Pitso" Mkhulisi, Rivaldo Coetzee noSibusiso "Villa" Vilakazi.
Uthe uthandazela ukuthi baqhubeke nomgqigqo abawutshengisile koweTshakhuma.
Uqale ngoMkhulisi, wathi kuyathokozisa ukumbona ekhula kuyona yonke izindawo. Umcome ngokuziphatha kahle nokusebenza kanzima.
"Ngokwazi ukuthi uwumdlali ongagcini ngokulekelela umuva kodwa naphambili, besihlale sikhononda ngokwehluleka kwakhe ukushaya amagoli. Ngaphambi komdlalo weTshakhuma ngimtshelile ukuthi namuhla usuku lwakhe. Ngempela wenze ebesivumelene ngakho. Okwethu njengabaqeqeshi ukumbongela nokumgqugquzela. Abasebaningi abadlali abanethalente abaziphethe kahle njengaye, nabawuhloniphayo umsebenzi wabo, abaphila impilo ehlanzekile," kubeka uMngqithi.
Iwu-18 imidlalo esigijinywe nguMkhulisi kule sizini kuyona yonke imiqhudelwano. UMngqithi uthe banethemba lokuthi uCoetzee uzoqhubeka nokushaya amagoli.
"Besihlale sinesikhalo sokuthi njengoba eyibamba esiswini sidinga ukumbona ekhahlelela ipali, ekhanda amagoli ephinda eba nesandla emabholeni agcina ebhokisini lezitha. Lokhu kuzomenza athole amathuba amaningi okushaya amagoli. Kuyajabulisa ukubona abadlali bethu abayibamba enkabeni yesisu, beshaya amagoli. Lokhu kwenza izitha zingazi ukuthi ubani ozoshaya amagoli.“
NgoLwesibili uVilakazi ubedlala umdlalo wesithathu weligi. UMngqithi uthe kuyajabulisa ukumbona eshaya igoli emuva kwesikhathi eside agcina ukudlala.
"KwiSundowns siyambongela umdlali odlale kahle. Lokhu kubulala ukuchema, okwenza kugcinwe sekuboshelwa umdlali kungafanele. KoweTshakhuma kungene noGeorge (Maluleka) ngoba ubedlale kahle koweCaf sidlala ne-Al-Hilal. Ukaputeni (Hlompho Kekana) ube nebhadi lokungangeni, ubedlale kahle kowe-Al-Hilal. NgoLwesihlanu sinomdlalo onzima neCR (Belouizdad), laba badlali abangalitholanga ithuba bazophumula ngokuphelele, “ kubeka uMngqithi.
Umdlalo neBelouizdad okungoweCaf Champions League, uqala ngo-3 ntambama eLoftus Versfeld Stadium. Emlenzeni wokuqala abafana baseChloorkop banqoba ngo-5-1.
ISundowns ayiqhwakele nje kuphela kwiDStv Premiership, naku-Group B weChampions League, ihleli phezulu ngamaphuzu awu-13 okusho ukuthi vele isizibekisele indawo kuma-quarterfinal alo mqhudelwano.