UBONGINKOSI Ntuli obengumgadli waMaZulu FC ongasekho Isithombe: BACKPAGEPIX
UBENGATSHELWA ngokubheka ikhaya yize ebesephumelele empilweni umgadli waMaZulu FC, uBonginkosi "Mdeva" Ntuli, oshonele esibhedlela saseMgungundlovu, ngeSonto, kulandela impi emfushane nomdlavuva wamaphaphu.
UNtuli obeneminyaka engu-32 ubudala ushona ngokuzuma ngoNovemba 5 nje, bekufanele kube usuku lwenjabulo nemibhiyozo kwazise usuku obekuzobe kuhlanganiswa ngalo imindeni emibili ngomgcagco kubo kukamkhwenyana, KwaMhali, eCato Ridge.
Lo mgadli ngoSepthemba ushadelwe uSinenjabulo Zungu, oyisikhulu kuMaZulu oyindodakazi kamengameli weqembu, uSandile Zungu.
Isolezwe lixhumane noyise walo mgadli, uThulani Ntuli, izolo ntambama ngenhloso yokuthola isimo ekhaya nanokuthi isikhona yini imininingwane ngokuzokwenzeka kuze kube uyafihlwa.
Ubaba walo mdlali oke wagqoka ijezi leLamontville Golden Arrows, Mamelodi Sundowns, Platinum Stars, noCape Umoya, utshele leli phephandaba ukuthi ukushona kwendodana yakhe kufana nembibizane kuyena kwazise bebebambisene kakhulu ngakho konke.
"Kusiphathe kabi lokhu ngoba besizitshela ukuthi umfana ubanjwe umkhuhlane nje futhi kuzodlula. Nakho-ke odokotela sebethola umdlavuza wamaphaphu okuyiwona omncishe ithuba lokuba abenathi, wasishiya kanjalo umntanami," kusho uyise walo mgadli.
"Sifile ngokulahlekelwa ilo mfana ngoba besiphathene kahle ekhaya futhi ubengatshelwa ngezinto ezibhekwe kuyena. Ubeyisibusiso sengane. Odadewabo abathathu nabashana bakhe ababili abashiyayo emhlabeni nabo balahlekelwe ngoba ubezihlupha ngokuthi izinto ezithinta umndeni wakhe zihlale ziqondile.
"Bekunguyena umnikazi walo muzi osekufana nokuthi ngizosala ngiwuhole ngedwa ngoba ebengibambisene naye ngiphuciwe yena, akasekho ebengizishaya isifuba ngaye ngithi umenzi wezinto zenzeke," kuqhuba ubaba kaNtuli.
UNtuli ube esetusa ukwazisa abantu okukhonjiswe umengameli waMaZulu, uSandile Zungu, kusukela kuvele umshophi.
"Sesihlalile phansi okokuqala nomengameli weqembu uZungu kusukela kwenzeke lokhu. Kusemqoka ukuthi ngikuqhakambise ukuthi uZungu indoda ongayethemba futhi ebazisayo abantu. Ungumuntu obahloniphayo abantu nangazo zonke izindlela zempilo," kuqhuba uyise kaBongi Ntuli.
Ngesikhathi leli phephandaba likhuluma nobaba kaNtuli lithole ukuthi uZungu usendleleni ebheke kwaNtuli lapho kuzohlangana khona imindeni okwesibili.
"Akukho engingakumemezela okwamanje ngoba kusafanele sihlangane noZungu okwesibili, okuyilapho engicabanga khona ukuthi kuzocaca khona umhlahlandlela kusuka manje kuze kube ubekwa endlini yakhe yokugcina," kuphetha uyise walo mgadli.
Related Topics: