UJOSEPH “Duku-Duku” Makhanya, wodumo kwi-Orlando Pirates, uxwayise abalandeli bezinkunzi zaseSoweto ngokuthi bajabule babuye nganeno ngezinduku zabo ezintsha ngoba igebe elivulwe yiMamelodi Sundowns kwiDStv Premiership, kusazothatha isikhathi ukuthi livaleke.
IPirates neKaizer Chiefs bamemezele abadlali abasha okuyibona abazobe begijima ngabo ngesizini ezayo.
Kuqale iPirates ngoMsombuluko yethula ngokusemthethweni uBienvenu Eva Nga no-Azola Matrose bobabili abebekwiChippa United, Evidence Makgopa (Baroka FC) noMiguel Timm (Marumo Gallants).
IBucs imemezela laba nje, uNkosinathi Sibisi noThapelo Xoki beLamontville Golden Arrows naMaZulu FC ngokwahlukana bona bamenyezelwe ngeledlule.
Obengumqeqeshi kwiPirates, uFadlu Davids, udedeliwe noThulani Hlatshwayo, abalandelwe uKwanda Mngonyama, Abel Mabaso, Justice Chabalala, Wayne Sandilands, Thabang Monare no-Elson Sithole endleleni ephumayo.
IChiefs ilandelile ebusuku ngoMsombuluko nolwayo uhlu lwabadlali abasha.
Amakhosi atheze uDillan Solomons, Lehlohonolo Matlou noKamohelo Mahlatsi kwiSwallows FC. USiyethemba Sithebe ulandwe kuMaZulu FC kanti uMduduzi Shabalala uphuma kwinkulisa yeChiefs.
Laba badlali balandele u-Ashley du Preez noZitha Kwinika abalandwe kwiStellenbosch FC.
Yize kusobala ukuthi izinkunzi zaseSoweto ziyahloma kodwa uMakhanya ubona kusazothatha isikhathi ukuthi abadlali abatheziwe bawasize agudluze iSundowns esicongweni.
Ngesizini edlule iSundowns inqobe iz
icoco ezintathu kwiPremier Soccer League, ithathe iMTN 8, Nedbank Cup nesicoco seligi ebisisiphakamisa okwesihlanu kulandelana. EzaseSoweto ziqhubekile nendlala, zinganqobi lutho.
“Kufanele ashayelwe ihlombe womabili amaqembu athathwa njengamakhulu ngokungena agxile emakethe kwazise sekunesikhathi egxekwa ngalokhu.
“Yize kunjalo kodwa akufanele kusheshe kujatshulwe ngoba uma ubabheka laba badlali bakhomba ukuthi bekongiwa imali futhi akulona uhlobo (lwabadlali) oluzothi lufika kube kucaca kepha kusazokwakhiwa,” kusho uMakhanya kwiSolezwe izolo.
Noma ngabe yiliphi iqembu elifisa ukugudluza iSundowns esicongweni, kumele lizimisele ukushaya iphakethe ngokubona kwale ngwazi yeBucs yakudala.
“Bakhona abadlali kwiligi ongabahlanganisa bakhiphe inqanawe yesikimu esingayithwalisa kanzima (iSundowns) ngokushesha kodwa bonke babiza imali eshisiwe.
“Kuhle okwenziwe yiChiefs nePirates futhi abadlali ababathengile bazobasiza kodwa lokhu kuzothatha isikhathi ukwenzeka yingakho ngibona kusazoba nzima ezinkunzini zaseSoweto ukugudluza iSundowns esicongweni,” kusho uMakhanya.
Izolo iChiefs imemezele ukuthi isihlukene noSiphosakhe Ntiya-Ntiya noRamahlwe Mphahlele. Ibisivele idedele abadlali abayisishiyagalombili.