IPHINI lomqeqeshi weRichards Bay FC, uPitso Dladla, likholwa wukuthi kuzomsebenzela kwiKaizer Chiefs, uThabani Dube, ukuba wuhlobo lomdlali oyivela kancane.
UDube, osuka kwiBay, oyinxele eliyibamba maphakathi emuva, ungomunye wabadlali abasha abasayiniswe yiChiefs esembhidlangweni wokubuyisa izinsuku zenjabulo.
Nokho akabonakalanga enkundleni ngesikhathi Amakhosi ehlula i-Orlando Pirates emdlalweni weCarling Black Label Cup ngempelasonto edlule. Emasontweni adlule uDube ushaye into ecokeme kwiBafana Bafana bewina umqhudelwano iCosafa Cup.
"Leli yithuba elikhulu likaDube. Kuwukukhula esikufunayo lokhu. Kuqondane kahle ukwenyukela kwesinye isigaba kwakhe. Ngikuthatha njengokwenyukela phezulu ngoba usuka kwiligi engaphansi uya kwephezulu. Kuqondane kahle ukuthi ajoyine iKaizer Chiefs ekubeni kuza iCosafa Cup. Ukudlala kwakhe kwiCosafa Cup, hhayi ukudlala beyiwine kuphela, kodwa ngicabanga ukuthi kuzokwenyusa ukuzethemba kuyena," kusho uDladla.
"Angaphumelela kwiKaizer Chiefs kodwa ngeke kube lula. IChiefs iyiqembu elikhulu kodwa uDube ungumdlali osebenza kanzima, ungumdlali oqeqeshekayo. Kuzomweza ngelibanzi ukuthi asinabo abadlali abangamanxele abadlala maphakathi emuva. Iningi labo lidlala ngonyawo kwesokudla. Ngakho lokho kuzombeka ethubeni futhi kwenza ahluke."
Uma umqeqeshi, uStuart Baxter, ezoqhubeka nendlela ayelibophela ngayo iqembu, neyokudlala ayeyisebenzisa ngesikhathi ewina iligi eminyakeni edlule, uDube unethuba lokuzitamuzela isikimu. Ngesizini ka-2014/2015, lo mqeqeshi eyiwinisa isicoco seligi, emuva wayebophela uTefu Mashamaite oyinxele no-Erick Mathoho odlala ngonyawo kwesokudla. Ukufika kukaNjabulo Ngcobo noDube kwiChiefs kungenzeka kusize uBaxter abuyise leyo ndlela yokudlala abhubhisa izizwe ngayo.
UDladla nomqeqeshi, u-Allan Freese, bahlalelwe wumqansa wokubumba inqanawe yeqembu elingawina iligi yeGladAfrica Championship. IBay iphunyukwe yiligi seliyoshona ngesizini edlule, yehluleka nasemidlalweni yokuhlunga.
NgoMgqibelo izodlala emqhudelwaneni, iKZN Premier's Cup, eqhathe amaqembu ayisithupha aKwaZulu-Natal adlala kwiGladAfrica nakwiDStv Premiership.
"Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu. Kodwa okuba yinkinga wukulimala kwabadlali okuyinto esizama ukuthi siyiqikelele. Uzokhumbula ukuthi thina asibanga naso isikhathi esanele sokuphumula ngoba kade sisemidlalweni yokuhlunga. Indlela esijima ngayo iyinselelo. Kufanele siqaphele ukuthi abadlali abangaphumulanga sibajimisa ngendlela yokuthi bakulungele ukudlala umdlalo wokuqala wesizini," kusho uDladla.