KUMQINISE ukhakhayi ukuphendulwa ukudla kwebhentshi phesheya kwezilwandle uKeagan Dolly osayine kwiKaizer Chiefs.
UDolly, obeyibamba kwiMontpellier yaseFrance, umenyezelwe njengomdlali omusha waMakhosi izolo seliyozilahla kunina kanye noCole Alexander obedlala kwi-Odisha yase-India. Basayine inkontileka yeminyaka emithathu emunye. Emasontweni adlule iChiefs imemezele abanye abadlali okunguSifiso Hlanti, Kgaogelo Sekgota, Njabulo Ngcobo, Brandon Peterson, Phathutshedzo Nange noThabani Dube.
UDolly, odlale imidlalo engu-19 kwiBafana Bafana, usayine eFrance ngo-2017 emuva kokuwina indebe yeCAF Champions League neMamelodi Sundowns kodwa wathwala kanzima ukuthola isikimu kwiMontpellier.
"Ngihlale kahle eFrance, ngifunde okuningi. Kube khona ukuphazamiseka ngenxa yokulimala nokungasitholi isikimu kodwa ngikhulile njengomdlali, ngikhulile njengomuntu. Ngifunde lukhulu kubantu base-Europe indlela ababhekana ngayo nobunzima. Manje ngiyakwazi okufanele ngikulindele uma ngificwa yizimo ezinjalo futhi. Ukubuya kwiChiefs kuwukuzama ukudlulisela isipiliyoni sami kubadlali abasebancane. Ngiyambuka (uHappy) Mashiane no (Nkosingiphile) Ngcobo, bahle kakhulu. Ngicabanga ukuthi ngingabasiza ngeziyalo lapho ngingakwazi khona. Ngifunde lukhulu eFrance," kusho uDolly.
KwiChiefs UDolly uzohlangana noStuart Baxter noMolefi Ntseki abebengabaqeqeshi bakhe kwiBafana. Ngaphezu kwalokho uzothola ithuba lokudlala noKhama Billiat noLeonardo Castro abhubhise nabo izizwe bekwiSundowns bebizwa ngeCBD eminyakeni edlule.
"Sisasondelene kakhulu futhi sikhuluma njalo noKhama. Kuzoba mnandi ukudlala nabo futhi. Ngihlala ngicabanga ukuthi sasixhumana kahle sisadlala kwiSundowns. Manje nginethemba lokuthi sizohlanganisa isipiliyoni esisitholile sidlala emaqenjini ahlukene sisebenzele iqembu, sishaye amagoli sikhuthazane," kusho uDolly.
UDolly, ozodlubha unombolo 10, kulindeleke ukuthi abonakale nabanye abadlali abasha beChiefs uma isibhekene ne-Orlando Pirates kwiCarling Black Label Cup ngeSonto.
The @blacklabelsa Consumer Coach finalists went head to head at a small event held at Orlando Stadium on Saturday 24 July 2021.
— Kaizer Chiefs (@KaizerChiefs) July 28, 2021
Morena Mofokeng was eventually selected as the Kaizer Chiefs Consumer Coach who will lead the Glamour Boys on Sunday.#CarlingCup #Amakhosi4Life pic.twitter.com/wOrhDe8UIR
Khonamanjalo iChiefs ivuselele izinkontileka zabadlali abahlukene. U-Itumeleng Khune ugixabezwe ngeminyaka emibili, uLebogang Manyama wanikwa eyonyaka kwathi uRamahlwe Mphahlele wanikwa eyonyaka enombandela wokuyivuselela ngomunye. UBernard Parker usayiniswe eyonyaka kwathi uBilliat wanikwa eyeminyaka emibili.
Ezinye ezingaqinisekisiwe zithi uPhilani Zulu noWillard Katsande bazochithwa. Kodwa iqembu elikasho lutho ngalokhu.