USIMO Dladla obebanjiswe izintambo njengenhloko yabaqeqeshi kwiSwallows FC, ubona ukuba baningi kwabadlali abasha abafikile kuwumsuka wezinkinga eqenjini.
ISwallows isenkingeni kwiDStv Premiership njengoba kungayihambeli kahle uma kuqhathaniswa nangesizini yayo yokuqala edlule, esigabeni esikhulu.
Ngesizini edlule, Izinyoni zifike kwezwakala kwiPremiership zibalwa namaqembu andizela phezulu kwi-log, zagcina ziqede endaweni yesithupha.
Kodwa kulokhu izinto zigaya ngomunye umhlathi njengoba zibalwa namaqembu ahlezi ngasemsileni kwi-log.
Indlela okubhimba ngayo, abaphathi baze bakhetha ukunikeza uDladla ithuba lokubamba, bamisa umqeqeshi uBrandon Truter amasonto amabili.
Emidlalweni emithathu uDladla esebhentshini, abawinanga nowodwa. Badlale ngokulingana ngo-0-0 neCape Town City kwiligi. Yababhaxa ngo 4-0 kwiMTN8, babuye bethola induku ka-3-0 kwiMamelodi Sundowns emdlalweni weligi.
Usebuyile uTruter ekhefini, uDladla ukholwa wukuthi inqwaba yabadlali abafikile inomthelela ekubhimbeni kwezinto futhi naye uzakwabo uyakwazi lokho.
“Iqiniso ukuthi baningi kakhulu abadlali okwengezwe ngabo ukuqinisela isizini esiphezu kwayo. Kunzima ukusebenza ngesikwati esikhulu,” usho kanje uDladla.
“Inkinga eyaziwayo eqenjini ngoba nangesikhathi ekhona uBrekkies (uTruter obesekhefini), ubazi ukuthi sibhekene nayo le nkinga yesikwati esikhulu kakhulu.
“Isikwati sethu sikhulu yebo kodwa bonke laba abadlali abahle futhi ngiyazi ukuthi uma sebehlangana kahle imiphumela yethu izoshintsha.
“Asihleli phansi kepha sisebenza ubusuku nemini ukuqonda abadlali abadlala kangcono uma behlangene.
‘Ngikholwa ukuthi kungumsebenzi wethu njengabaqeqeshi ukuhlanganisa isikwati ngendlela ezokhipha imiphumela encomekayo.
“Baningi abadlali siyavuma kodwa kusezandleni zethu ukuthi senzani ngabo ngoba bonke bangabeqophelo elifanele,” kusho uDladla.
Phakathi kwalaba badlali abasha kukhona uTebogo Langerman, Jody February, Keletso Makgalwa noGrant Magerman bonke abasuka kwiSundowns.
Kukhona noYagan Sasman osuka kwiKaizer Chiefs, Austin Muwowo noManapulle Saleng ababolekwe kwi-Orlando Pirates.
Kukhona nabanye abadlali abasuka emaqenjini eGladAfrica Championship, uKhethukuthula Ndlovu noSiphelele Ndlovu abebedlalela Uthongathi FC neCape Town All Stars ngokwahlukana.
uMwape Musonda, Lehlogonolo Matlou noMphakamiseni Nene basuka emaqenjini aphesheya kwezilwandle bese kuba khona noThandani Ntshumayelo obengenaqembu ngaphambi kokutakulwa yiSwallows.
Bonke laba badlali bengezwe phezu kwezinsika ezisuka neqembu kwiGladAfrica Championship.