Ezemidlalo Ibhola

UDladla usale nemibuzo exoshwa kwiDurban City

Zakhele Xaba|Published

USALE ekhungathekile umqeqeshi, uSimo Dladla, okhonjwe indlela yiDurban City emuva kokuyikhuphulela kwiBetway Premiership.

ICity iwine iligi yeMotsepe Foundation Championship emuva kokuqeda esicongweni se-log. Nokho kuthathe isikhathi eside ukuthi inikezwe indebe ngenxa yamacala ayivukele abethinta umdlali, uSaziso Magawana. Bekulindeleke ukuthi usihlalo weCity, uFarook Kadodia, uzoqhubeka nethimba labaqeqeshi elibuyise iqembu esigabeni esiphezulu obekuhambisana nengcwenga yebhola ebelilidlala. Emasontweni adlule, lo mqeqeshi utshele leli phephandaba ukuthi usebumnyameni ngekusasa lakhe, waveza nokuthi kwavunyelwana ngokuthi uma ephumelele ukufaka iqembu kwiPremiership uzoqhubeka nokuliqeqesha esigabeni esikhulu. 

Nokho, kuvele ukuthi lokho ngeke kusebenzeka kwazise abaphathi beCity sebeshela umqeqeshi, u-Owen Da Gama, obeqeqesha iMagesi ngesizini ka-2024/2025.

"Bangithumelele incwadi bengazisa ukuthi asivumelani. Angazi ukuthi yini esingavumelani ngayo ngoba abakaze banginike inkontileka. Ngesikhathi sihlangene nabo bafune ezinye izinto okubalwa kuzona umbiko wesizini, uhlaka lwesizini entsha nabadlali. Kodwa-ke kulungile, ngizoqhubeka nokubheka elinye ithuba," kusho uDladla.

"Engingakwenza nje wukubonga ithuba abanginike lona lokuqeqesha iqembu labo iminyaka emibili. Ngithole ithuba lokutshengisa iNingizimu Afrika engingakwenza. Ngisebenze nomqeqeshi, uZipho (Dlangalala). Nakuba ngiqale ngifunda kwazise bengehla ngenyuka ngiqedela izifundo zokuqeqesha eBotswana kodwa sisebenze kahle. Siwine imidlalo eminingi nethimba lami. Ngibonga ithimba lami elinoPitso (Dladla), Cyprian Mthembu noMcBeth Sibaya obengaveli. Okungiphatha kabi wukuthi selizohlukana leli thimba ebeliqine kangaka."

Imizamo yokuthola uKadodia ayiphumelelanga kwazise ucingo lwakhe belungabanjwa.

ICity kulindeleke ukuthi imemezele abadlali ebadedelayo nezodlala ngabo ngesizini ka-2025/2026. Ngaphezu kwalokho, ihlalelwe wumsebenzi wokuhlanganisa iqembu leDStv Diski Challenge (DDC).