UTHATOYAONE Ditlhokwe waseBotswana ululekwa ngokungalilahli iphupho lokuyodlala phesheya yize esezoba nekhaya elisha kwiKaizer Chiefs Isithombe: BACKPAGEPIX
ISITOBHA seSuperSport United esisayine inkontileka yesibambiso neKaizer Chiefs, uThatayaone Ditlhokwe, sidonswe ngendlebe wumkhaya waso waseBotswana, uDipsy Selolwane, ngokuthi singafiki kuMakhosi sinethezeke.
USelolwane ungomunye wabadlali bakuleli lizwe elingomakhelwane beNingizimu Afrika, abafike kwiPremier Soccer League (PSL) bagqama emaqenjini abawadlalelile. Uthe uDitlhokwe kumele aqhubeke nephupho lokuyodlala phesheya kwezilwandle.
UDitlhokwe (24), ongukaputeni weqembu lesizwe laseBotswana, uzojoyina Amakhosi ekuqaleni kwesizini ka-2023/2024 kulandela ukusayina inkontileka yesibambiso ekuqaleni konyaka. Ukunqaba ukusayina inkontileka entsha neSuperSport kukaDitlhokwe akwehlanga kahle kubaphathi bayo abebesamdinga kuleli qembu.
"Kuhle kuyena ukuthi usezodlala kwiChiefs. Kuyiphupho lazo zonke izingane lapha ukudlalela elinye lamaqembu amathathu amakhulu okuyiChiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns. Ukuya kwakhe kwiChiefs kusho imali eningi nenselelo,“ kusho uSelolwane.
“Kuzoba wumqansa kuyena kodwa ngiyabona abalandeli bebhola sebemamukele. Kufanele azithobe, asebenze kanzima, enze konke okusemandleni akhe. Kodwa engingamyala ngakho wukuthi iphupho lakhe lingapheleli kwiChiefs. Angafiki azitshele ukuthi useqedile. Kufanele aqhubeke nokufuna ukuya phesheya kwezilwandle. Ngisho ungadlalela iReal Madrid kodwa usuke usafuna ukuwina izindebe. Uma usuziwinile, uyaqhubeka ufune ezinye. Ngakho naye akufanele acabange ngokuphelela kwiChiefs nakuba iyiqembu elinabalandeli abaningi eMzansi.”
USelolwane wafika eMzansi ngo-2005 ezodlala kwiSantos. Wadlalela neJomo Cosmos, Ajax Cape Town ne-University of Pretoria. Ungomunye wabadlali bangaphandle abazakhele ugazi kubalandeli baseMzansi ngenxa yekhono analo enkundleni.
UDitlhokwe uzofika kwiChiefs ehambisana nabanye abadlali abazoqala impilo eNaturena. Ngempelasonto edlule kusabalale imibiko yokuthi Amakhosi asesayinise ukaputeni weTS Galaxy, uGiven Msimango, oyisitobha. Akubuzwa ukuthi ingcindezi yokubuyisa izinsuku zenjabulo kuleli qembu izoqhubeka nokuhlala kubadlali abasha.
"Ungukaputeni weqembu lesizwe laseBotswana futhi unabo ubuholi. Mina angikaze ngiyidlalele iChiefs futhi angazi ukuthi kunjani ngaphakathi. Ngeke akwazi ukutakula iqembu eyedwa. Lokhu kudinga abadlali ukuthi babambisane," kusho uSelolwane.
Namuhla uDitlhokwe uzohola iBotswana uma isibhekene ne-Equitorial Guinea phambi kwabalandeli bayo emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations eFrancistown Stadium, eBotswana, ngo-3 ntambama.
Related Topics: