USETHUBENI lokuba seqenjini lesizwe lase-Iran koweNdebe yoMhlaba umqeqeshi waseNingizimu Afrika, uRoger De Sa, osanda kuhlukana nelase-Egypt.
UDe Sa ubeyiphini likaCarlos Queiroz wasePortugal, bebeqesha i-Egypt emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations (Afcon) eCameroon, ngoFebhuwari.
Bashiye umsebenzi emuva kokuhluleka ukufaka leli qembu kwiNdebe yoMhlaba ozodlalelwa eQatar, ngoNovemba. Engxoxweni ekhethekile neSolezwe, uDe Sa udalule ukuthi nakuba kukhona abasebuholini e-Egypt, abafuna ukubabuyisa kodwa sezivuthiwe izingxoxo phakathi kwabo ne-Iran, efuna bazoyiqeqesha benoQueiroz kwiNdebe yoMhlaba.
Uthe okwenza bengavumelani ne-Egypt wukuthi ifuna ukubanika inkontileka yeminyaka emine ekubeni bona befuna emibili.
"Kubukeka sizoya e-Iran. Iyona ephambili emazweni asifunayo. Okuhle ngayo wukuthi ifuna ukusinika inkontileka yezinyanga eziyisithupha kuphela. Isifunela umqhudelwano weNdebe yoMhlaba kuphela. Emuva kwalokho, sizobe sesikhululekile ukuya lapho esifuna ukuya khona. Emuva kweNdebe yoMhlaba, sesingaya e-Australia noma eJapan okungamazwe asifunayo nawo," kusho uDe Sa, kucaca ukuthi yena noCarlos sebefana nenqoba ehamba noseyili wayo.
Emaqoqweni eNdebe yoMhlaba, i-Iran ifakwe kuGroup B okukhona kuwona i-England, USA neWales.
Uma uQuieroz, owayengumqeqeshi weBafana Bafana, egcina ebuyela e-Iran, kuzoba kungokwesithathu kwazise uyiqeqeshile kwiNdebe yoMhlaba ngo-2014 nango-2018.
Ubungani nobudlelwano bakhe noDe Sa budlondlobale ngesikhathi iNingizimu Afrika isingethe iNdebe yoMhlaba ngo-2010, eqeqesha iPortugal. Lapho uDe Sa wayengutolika weqembu. Ngesikhathi uQueiroz ethola umsebenzi e-Egypt, umkhubulile umngani wakhe obekade eseqeqesha iCape Town All Stars kwiGladAfrica Championship, wamlanda bayosebenza ndawonye.
Okwamanje uDe Sa ubalwa nenqwaba yabaqeqeshi bakuleli abanesipiliyoni abaswele amaqembu kwiPremier Soccer League (PSL).
"Ngokwami ngibona iPSL ingayi phambili futhi angicabangi ukuthi izoba ngcono. YiMamelodi Sundowns kuphela ekhulayo. Abaqeqeshi bahlezi emakhaya ngoba osihlalo bamaqembu bafuna abahola kancane.
“Amaqembu asethatha amaphini awanike umsebenzi ngoba awanaso isipiliyoni futhi bazowalawula. Ngisho amaqembu amakhulu ayakwenza lokhu. IPirates ikwenzile, iChiefs ikwenzile, ngisho iChippa ikwenzile. IBaroka ikwenzile kodwa kwangaphumelela, yadliwa yizembe," kusho uDe Sa.
"Amaqembu athi kungani ngizoqasha umqeqeshi engizomnika uR4 million ngonyaka ekubeni ekhona umuntu engizomnika uR2 million. Yinto esingenile lena. Elinye iqembu lilande umqeqeshi obekade eseBotswana, elizomnika uR100 000 ngenyanga, limkhohlise ngemoto nefulethi. Kuyena kungcono kakhulu kunalokhu abekuthola eBotswana."
IMarumo Gallants ixoshe uDan Malesela oyisindise ezembeni wayifaka nakwiCaf Confederation Cup, yaqasha uRomain Folz (31) obeqeqesha eBotswana.
Kubaqeqeshi abaswele amaqembu eMzansi kukhona uMalesela, Gavin Hunt, Owen Da Gama, Pitso Mosimane noBenni McCarthy.