OMUNYE wabaqeqeshi beRoyal AM, uDan “Dance” Malesela, ulindele ibhola eliqhwiza umentshisi uma sebevula isizini yeDStv Premiership ka-2022/2023 neKaizer Chiefs ngoMgqibelo ntambama.
Lo mdlalo okufanele ukuthi ungomunye wezobe ibhekwe ngabomvu ngabalandeli bakanobhutshuzwayo kuleli, uzoqala ngo-5.30 ntambama, eChatsworth Stadium, eThekwini.
Ngesizini edlule iThwihli Thwahla yawaphuca wonke amaphuzu Amakhosi njengoba yawabhaxabula ngo 4-1 eGoli yaphinde yawaguqisa ngo 1-0 eThekwini.
UMalesela ukholwa wukuthi leyo miphumela izofaka isinongo emdlalweni wangoMgqibelo. Ulindele umdlalo onzima phakathi kwamaqembu abheke ukuqala isizini ngonyawo olufanele.
"Silindele umdlalo onzima kakhulu. IChiefs isayinise inqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu kodwa kumele sigxile kokwethu. Okumqoka kimina wukubheka ukuthi yini esingayenza ukuze sibashaye,” kusho uMalesela.
“Kuhlale kunzima ukudlala umdlalo wokuqala wesizini, ningakalitholi ithuba lokubukisisa izitha, ikakhulukazi uma kwenziwe izinguquko eziningi kodwa uma sizilungisela kahle futhi silandela izinhlelo zethu, ngikholwa wukuthi singabahlula.
"Akukho okuningi esingakusho ngemiphumela yesizini edlule ngoba womabili amaqembu azophenya ikhasi elisha futhi alambele ukunqoba. Abalandeli bangalindela ibhola elisezingeni eliphezulu."
UMalesela nabaqeqeshi ababili abambisene nabo, uKhabo Zondo no-Abraham Nteo, bathweswe umthwalo wokubeka iqembu kwelinye izinga kule sizini emva kokuqeda kwalo endaweni yesithathu ngeyedlule.
Bazongena kowokuvula benokuzethemba njengoba besonge amalungiselo esizini ngokuphakamisa indebe.
IRoyal AM ibe ngompetha beKZN Premier’s Cup ka-2022 ngokuguqisa AmaZulu ngo 2-1 kowamanqamu ngempelasonto edlule.
Abalandeli abebehambele umdlalo bebengawuvali umlomo ngebhola elithokozisayo elidlalwe yiwona womabili amaqembu kowamanqamu.
UMalesela uthe abathandi bezikaMaMkhize (Shauwn Mkhize) bangalindela ibhola eliya phambili futhi elihehayo kule sizini.
"Lona wumkhuba esizowulandela, ukudlala ibhola elihlaselayo futhi sizoba ngcono ngokuhamba kwesikhathi. Kuseyisiqalo manje, umdlalo nomdlalo uzosibeka ezingeni elilandelayo," uqhube kanje.
“Ngicabanga ukuthi lo mqhudelwano (iPremier’s Cup) usisize kakhulu. Ukuba nemibono nemicabango akufani nokubona izinto sezenzeka enkundleni nidlala namaqembu aqinile.
“Sinesikhathi esincane sindawonye kodwa ngijabule ngohlobo lwebhola esilidlalile. Siyazi futhi ukuthi sisamelwe wumsebenzi.
“Baningi abantu abafikile enkundleni, abanye bebebuka kumabonakude, bazibonela ukuthi sihloseni. Ngikholwa wukuthi kuzobe kugcwele phama eChatsworth Stadium ngoMgqibelo, okuyinto ezogqugquzela abadlali,” kusho uMalesela.