Thathe Msimango
UCHAZWA izinga eliphezulu lokuhleleka kweStellenbosch FC, uZitha Macheke osayine naleli qembu ngemuva kokudayiswa kweBidvest Wits nokushiye abadlali abaningi bengondingasithebeni.
IWits idayisele iTshakhuma Tsha Madzivhandila igunya layo lokudlala esigabeni esiphezulu sePremier Soccer League( PSL). UMacheke ngomunye wabadlali abebeyizethenjwa zasemuva kobengumqeqeshi weZitshudeni, uGavin Hunt osejoyine iKaizer Chiefs.
Ngesizini edlule uMacheke ube nemidlalo engu-34 kwiWits okungeyeligi neyemiqhudelwano yomkhumulajezi.
Uthe ubone kungcono ajoyine iqembu azokwazi ukufeza amaphupho anawo ngekusasa lakhe.
“Okungenze ngazojoyina iStellies wukuhleleka engikubone kubona. Bangichazele konke ngezinhlelo abanazo ngeqembu futhi bangitshela nabafisa ukukuzuza. Kumele uzibheke kakhulu lezi zinto uma uwumdlali osemncane njengami, ukuze uzithole unekusasa eliqhakazile. Indlela iqembu elinobumbano ngakhona sekungenze ngashesha ngajwayela.
Lokho kufakazelwa indlela esizikhandla ngayo ejimini nokwenza ngingazisoli ngokuza kubona. Ngijabule ngokuthi ngenze isinqumo esiphusile,” kusho uMacheke.
Uke wadlala kwinkulisa yeKaizer Chiefs ngaphambi kokuthi anyuselwe eqenjini elikhulu ngesizini ka-2014/2015 ngaphansi kukaStuart Baxter.
Uveze ukuthi akhona amanye amaqembu abexoxisana nawo kodwa wangagculiseka ngokuthile.
IStellebosch eqeqeshwa uSteve Barker iqede kunombolo-10 kwiligi ngesizini edlule. Isizini edlule bekungeyokuqala idlala esigabeni esikhulu ngemuva kokudla umhlanganiso kwiGladAfrica Championship ngo-2018/2019.
“Ngifisa ukuzuza okuningi naleli qembu. Ngesikhathi sixhumana nomqeqeshi ngesizini edlule wangitshela ukuthi bafuna ukungadliwa izembe. Bakwenzile lokho baqeda endaweni yeshumi. Okubalekile ukuba singene kumaqembu okuqala ayisishiyagalombili aphezulu ngoba engikuzele wukusiza iqembu liwine imidlalo,” kusho uMacheke. IStellies iphinde yasayinisa nonozinti uSage Stephens obengumdlali weCape Town City.