XOLILE MPISANE
INKUNDLA yaseThekwini, iMoses Mabhida Stadium, iphinde yaqokwa njengezosingatha umdlalo wamanqamu weMTN8 ozobe uphakathi kweCape Town City neMamelodi Sundowns ngo-Okthoba 30.
Kuzobe kungokwesibili kulandelana kusetshenziswa le nkundla njengoba nowamanqamu wanyakenye, owawuphakathi kwe-Orlando Pirates neBloemfontein Celtic, wadlalelwa kuyona.
"Uma kuqokwa inkundla okuzodlalelwa kuyona owamanqamu, ziningi izinto ezibhekwayo. Siyiligi siyaye sixoxisane namaqembu amabili asuke ezodlala kanye nabaxhasi," kusho oyiNhloko kweziqondene nabaxhasi kwi-PSL, uNonhlanhla Nkosi.
"Womabili amaqembu nabaxhasi bakhethe le nkundla ngenxa yokuthi isezingeni eliphezulu futhi isike yasingatha imidlalo eminingi emikhulu ngaphambilini. Amaqembu womabili agculisekile nangokuthi iphakathi nendawo."
Kulo mcimbi wokumemezela inkundla, obuseSandton ngoLwesine, iCity iyona etonyulwe yaba yiqembu lasekhaya okusho ukuthi izokwazi ukusebenzisa ijezi elisebenzisa uma idlala ekhaya, iphinde isebenzise nezindlu zokushintsha ezibekelwe iqembu lasekhaya.
AmaCitizens adlule kuMaZulu kuma-quarterfinal, aguqisa iSwallows kowandulela owamanqamu. AmaSandawana akhiphe iKaizer Chiefs neLamontville Golden Arrows.
Womabili amaqembu azobe edlala okwesithathhu kowamanqamu weMTN8. ICity yahlulwa kowamanqamu ngo-2017 yabe isiyiphakamisa le ndebe ngo-2018.
ISundowns isidlale kabili kowamanqamu, ngo-2008 nango-2016, yahluleka ukuyinqoba yomibili imidlalo.
#MTN8Final
— Official PSL (@OfficialPSL) October 14, 2021
Saturday, 30 October 2021 @CapeTownCityFC vs @Masandawana
Moses Mabhida Stadium
Kick-Off 18:00 pic.twitter.com/mI3wJXNIwQ
Khonamanjalo, ngoLwesithathu ntambama iPremier Soccer League (PSL) imemezele ukuthi ihlose ukusebenzisa lo mdlalo ukuzama uhlola ukuthi isikulungele yini ukubuyisa abalandeli enkundleni.
Ngokwesitatimende esikhiphile, isazoxoxisana neSouth African Football Association (Safa) njengoba isanda kubuyisa abalandeli emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba phakathi kweBafana Bafana ne-Ethiopia ngoLwesibili.
Lo mdlalo ubuthanyelwe ngabalandeli abangu-2000 asebeyigomele iCovid -19.
I-PSL ithe isazocubungula izingqinamba iSafa ebhekene nazo kulo mdlalo, iphinde ithole ukuthi yikuphi okwahamba kahle ukuze isike iphethini.
Isinqumo esingujuqu ngokubuya kwabalandeli kowamanqamu weMTN 8 sizokhishwa emasontweni azayo.